Dylan Bettencourt
Ngemuva kweminyaka eyisithupha kwaqala leli cala, ababeyizikhulu ze-FIFA uSepp Blatter kanye noMichel Platini babekwe amacala okukhwabanisa mayelana nenkokhelo engundabuzekwayo yokukhokha izigidi eziyi-R33.2.
Iziphathimandla e-Switzerland zikuqinisekise ngoLwesibili ukuthi bobabili uBlatter kanye noPlatini bazobhekana necala kule nyanga enkantolo yobugebengu e-Bellinzona.
“Le nkokhelo ilimaze impahla ye-FIFA futhi yacebisa uPlatini ngokungemthetho,” kusho abashushisi base-Switzerland esitatimendeni ngoLwesibili.
Uphenyo ngale mali luqale ngoMandulo ngowezi-2015 ngesikhathi uBlatter oneminyaka engama-85 ubudala esuswa njengoMengameli we-FIFA kwabe sekungena owayengumengameli we-UEFA uPlatini.
Inkokhelo okuthiwa igxile esicelweni sikaPlatini sokuthi akhokhelwe enye imali ngomsebenzi wakhe njengomeluleki kaMengameli kusukela ngowe-1998 kuya kowezi-2002 ngesikhathi uBlatter eqala umsebenzi wakhe njengoMengameli we-FIFA.
UBlatter wabe esegunyaza inkokhelo ngaphandle kokungabaza njengoba ayelungiselela ukukhethwa kabusha futhi umthelela kaPlatini embonini wathathwa njengesici esichazayo ekukhokheni.
Laba abesilisa ababili banamacala amaningana abathweswe wona, okuhlanganisa ukukhwabanisa, ukungaphathi ngendlela, ukusetshenziswa budedengu kwezimali kanye nokwenza amaphepha omgunyathi. Ngenkathi uBlatter ephenywa iminyaka eyisithupha, uPlatini uqale ukuphenywa ngokusemthethweni ngowezi-2020.
“Ngikubheke ngabomvu ukuqulwa kwecala futhi nginethemba. Ngiyethemba ukuthi lolu daba luzofika esiphethweni futhi wonke amaqiniso azobhekwa ngendlela,” kusho uBlatter esitatimendeni ngoLwesibili.
Wengeze ngokuthi wonke amalungu ngaphakathi kwesigungu esilawulayo agunyaza ukukhokhelwa kukaPlatini ngowezi-2010.
UPlatini uthe uzwe ngecala lakhe kwabezindaba wathi izinsolo abekwe zona azilungile.
“Lezi zindlela ziyisandiso sokungasebenzi kahle komshushisi ukungifaka icala ngokungafanele ecaleni lapho ukholo lwami lonke luye lwaqashwa khona. Ngizolwisana nalezi zinsolo ezingenasisekelo nezingenabulungiswa ngokugcwele,” esho.
Bobabili uBlatter noPlatini bavinjelwa kuyo yonke imidlalo yebhola isikhathi esiyiminyaka eyisithupha ngowezi-2016 ngenxa yezinsolo zokukhwabanisa.
Umthombo wesithombe: @Newshub