Abaphathi base-UK bebhola lombhoxo banikeza izikhuthazo zokugomela i-Covid

Dylan Bettencourt

Abadlali namakilabhu e-Rugby Premiership eNgilandi bazonikezwa imiklomelo uma abadlali nabasebenzi babo befinyelela ukuyogoma.

Amaqembu aku-Premiership, i-Championship kanye ne-Premiers 15 yabesifazane azovunyelwa ukuphumuza imigomo nemithetho ye-Covid-19, okubandakanya ukungafaki izifonyo nokunciphisa ibanga lokuqhelelana komphakathi uma befinyelela ku-85%.

Amaphesenti adingekayo ukuhlangabezana nezidingo ezigculisayo abekwe yi-Professional Game Board (i-PGB).

“Kubalulekile ukuqinisekisa ukuthi iningi labadlali nabaphathi bagonywa ngokuphelele futhi ngokushesha,” kusho usihlalo we-PGB uChris Booy.

Iziphathimandla zebhola lombhoxo ezahlukahlukene azishongo ukuthi mangaki amakilabhu asevele ahlangabezane naleli nani, kodwa zikhuthaze bonke abadlali nabasebenzi ukuthi bathole imigomo yabo ukuze bakhuthaze inqubo yokwehlisa imithetho yegciwane le-corona.

UBooy uthe yize kusengukuzikhethela komuntu ukuthi abadlali bayaya yini ukuyogoma, abadlali nabasebenzi kufanele bakhuthazwe ukuthi bagome futhi banikele ngakho konke abanakho ekuphepheni kwabadlali nemiphakathi.

Imikhawulo yamanje izohlala ikhona kuze kube wukuthi wonke amaqembu ahlangabezana nokuhlosiwe. Lokhu kufaka ubuncane bokuhlolela i-Covid-19 kabili ngeviki nokunye okwenziwa amahora angama-24 ngaphambi komdlalo. Izifonyo kuzodingeka ukuthi zigqokwe yibo bonke abadlali nabasebenzi emagumbini okushintsha nawokwelapha.

Umthombo wesithombe: @SkySports

Izihloko zakamuva