Abaphathi bamatekisi basayine isivumelwano sokuthutha kwamabhasi eNMBM

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Emcimbini uMasipala waseNelson Mandela Bay owubize njengengqopha-mlando, imboni yamatekisi kulo masipala omkhulu isayine isivumelwano sokusebenzisana ngoLwesine ukuze kuvulwe umzila omusha wamabhasi osuka Kwanobuhle nase-Rosedale uya enkabeni ye-Kariega.

Ukusayinwa kwesivumelwano kuza ngemuva kwezingxoxo zezinyanga eziningi nemboni yamatekisi mayelana nohlelo lwe-Integrated Public Transport System (IPTS).

UMnuz Bradley Murray, oyilungu lekomidi lemeya lemigwaqo nezokuthutha, uthe i-IPTS yakhiwe ngendlela yokuthi ingaphuci ibhizinisi imboni yamatekisi.

“Lolu hlelo luyasebenza ngoba kumele sinxephezele imboni yamatekisi ngebhasi ngalinye esilifaka emgwaqeni. Ngakho ibhasi elilodwa lingalingana namatekisi ayisithupha kuya kwayisishiyagalombili.”

Uthe umasipala uvumelene neNelson Mandela Bay Regional Taxi Council ukuthi izokwamukela izimvume zokusebenza kubanikazi bamatekisi, ezizovumela ukuthi amabhasi asebenze ngokukhululeka emalokishini.

“Indlela ezosebenza ngayo ukuthi sizothatha amatekisi ayisithupha, bese bethola ubunikazi bebhasi elilodwa. Kodwa ngaphambi kokuba sifike lapho, sidinga ukulandela inqubo yezingxoxo.  Sesikwenzile ne-Cleary Park; manje sesidlulela e-Kariega; akhona amatekisi azothinteka ngalolu hlelo.

“Ngakho lokhu kuzosisiza ukuthi sinqume ukuthi yimiphi imizila esizohamba ngayo. Sizokwenza ucwaningo oluzosisiza ukuthi siqonde inani lemali lokhu okuzoyithatha ematekisini nokuthi sidinga malini ukuze siwanxephezele,” kusho uMurray.

Uqhube wathi osomatekisi bazokhokhelwa nyanga zonke.

INMBM Regional Taxi Council ilwamukele lolu hlelo oluvela kumasipala.

“Lolu hlelo bese kumele lwenzeke; futhi siyalwamukela,” kusho u-Andile Andries, uNobhala we-Regional Taxi Council. “Sivumelene ngezinto eziningi nedolobha mayelana ne-ITS. Nakuba uhlelo beluhamba kancane, siyajabula ukuthi sesifinyelele esigabeni sokugcina sokusayina isivumelwano; manje sizoba yingxenye yoguquko.  Lolu usuku oluhle kithina,” 

UMurray uthe ucwaningo lwephrojekthi yemizila emisha yamabhasi izoqala ngoMfumfu futhi, kuye ngokuthi iyaphumelela, amalokishi amaningi aseduze nomasipala omkhulu azokwengezwa kulolu hlelo.

Osesithombeni ngenhla: UBradley Murray, uMMC weMigwaqo nezokuThutha, ekhuluma nababambe iqhaza emcimbini wokusayina kwesivumelwano wangoLwesine ehholo i-Feathermarket e-Gqeberha. 

Umthombo: NMBM/ Facebook

Izihloko zakamuva