Abaphathi bamatekisi baphika eyokuhlukumeza abashayeli bezimoto ezincane

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

I-SANTACO ithi ayihambisani nabashayeli abamisa izimoto ezizimele bafune imali noma bathathe izimoto.

Inkundla yezokuxhumana iqamba amanga ukuthi abaphathi bamatekisi bazothatha izimoto ezigibeza abantu mahhala.

Inhlangano yamatekisi iSouth African National Taxi Council (SANTACO) ithi ayihlangene nemibiko yakamuva yokuthi abashayeli bamatekisi bamise izimoto ezizimele, bacele imali noma bathathe izimoto zabo.

Lokhu kuza ngemuva komyalezo ezinkundleni zokuxhumana othi i-SANTACO isizoqala ukubopha izimoto ezizimele. Lo mlayezo uthe ukugibeza abangani noma umndeni emgwaqeni akusavumelekile ngoba kuthinta ibhizinisi labashayeli bamatekisi.

I-SANTACO ithi lezi zinsolo zingamanga futhi ziphambene nalokho umkhandlu wamatekisi okumele.

“Sinxusa umphakathi ukuthi ungayikholwa le mibiko engamanga.

“Njengenhlangano siyaziqhelelanisa nemininingwane engamanga esakazwa ezinkundleni zokuxhumana.

“Siyazigxeka izenzo eziphambene nomthetho zabantu abasolwa ngokumisa izimoto nokuqola abashayeli abazimele bezenza sengathi bamele imboni yamatekisi,” kusho okhulumela imboni uRebecca Phala.

Uthe i-SANTACO igxile ekuhlinzekeni abantu baseNingizimu Afrika ezokuthutha eziphephile nezisemthethweni.

“Sinxusa umphakathi ukuthi uyeke ukusabalalisa izindaba ezingamanga ezidala ukwesaba nezilimaza imboni, amanga afana nalawa adukisa abantu nokwenza kube nzima ukuthuthukisa umsebenzi wamatekisi,” usho kanje.

I-SANTACO itshele umphakathi ukuthi uma kukhona amacala okuhlukumeza noma okusatshiswa emgwaqweni ubikele amaphoyisa.

Ofuna ukufaka isikhalo embonini yamatekisi angathinta ihhovisi likazwelonke ku-012 321 1043.

“I-SANTACO igxeka zonke izinhlobo zodlame ngemibandela enamandla futhi isazimisele ukusebenzisana nabomthetho kanye nomphakathi ukuze kugcinwe ukuthula, ukuphepha kulo mkhakha.”

Esithombeni esingenhla: Amatekisi.

Umthombo wesithombe: Ifayela

Izihloko zakamuva