Menzi Magubane
Abalandeli bebhola babize abaphathi bamaqembu aseNingizimu Afrika njengabazikhukhumezayo futhi bakholelwa ukuthi abaphathi bacabanga ukuthi abalandeli babo abaqinile abayilutho. Bakholelwa ukuthi ukuzikhukhumeza kwabo sekuphuma esandleni.
Amazwi kasihlalo we-Moroka Swallows uDavid Mogashoa mayelana nabalandeli baleli qembu ngempelasonto akhombise lokhu. Ubesabisa ngokuthi uzolidayisa iqembu uma abalandeli beqhubeka nokumduba ngaphambi kokuthi axoshe umqeqeshi uBrandon Truter.
NgoLwesithathu olwedlule ngaphambi kokuthi ihlulwe yi-TS Galaxy, idlanzana labalandeli be-Swallows libhikishe ngaphandle kwenkundla iMbombela bephethe izingqwembe ezibhalwe ukuthi: “UTruter akaxhoshwe.”
Kuphume imiyalezo ezinkundleni zokuxhumana mayelana nomunye umbhikisho ohleliwe ozobhekana ne-Kaizer Chiefs ngeSonto.
“Ngizoduba? Ngizolidayisa leli qembu!,” kusho uMogashoa obethukuthele egane unwabu.
“Sengibacele kaningi abalandeli ukuthi babekezelele iqembu ngoba sibhekene nengwadla.”
Ukuphawula kwakhe ikakhulukazi ukusabisa ngokudayisa iqembu bekungafanele. Kuyakhombisa ukuthi akabazisi abalandeli ngenhlonipho efana neyamaqembu amaningi aphesheya ayithatha njengento ebaluleke kakhulu.
Abalandeli bayingxenye enkulu yempumelelo yezezimali yanoma yiliphi iqembu. Bathenga amajezi afanayo nezinye izinto ezinophawu. Ukudayiswa kwamathikithi kubalulekile nasemaqenjini ikakhulukazi lawo maqembu angenabo abaxhasi bezimali.
Ngokwezimali, amaqembu eNingizimu Afrika nakwezinye izingxenye zomhlaba, ashayeke kanzima ngenxa yobhubhane lwe-Covid-19 njengoba kuvalwe abalandeli ezinkundleni zemidlalo ezingxenyeni eziningi zomhlaba.
Kwabanye abalandeli be-Swallows, ukuhlulwa kwangeSonto kube yisibusiso ngoba ngemuva kwamahora alowo mdlalo uMogashoa waxosha uTruter nabasizi bakhe. Ukuhlulwa kushiye i-Swallows emsileni we-log ye-DStv Premiership.
Amazwi kaMogashoa kubalandeli abadelelayo amataniswe nakaBobby Motaung ongumphathi wamakhosi ngonyaka wezi-2011, ngesikhathi ethi ngeke ayithathele phezulu imiyalelo yabalandeli.
Ngalelo langa wathi: “Kulabo abaphupha ukuthi uBobby Motaung kumele ehle esikhundleni noma uBobby Motaung ahambe, kuyiphupho nje. UBobby Motaung akayi ndawo. Angikhethwanga yi-Kaizer Chiefs. Angizange ngiqokwe yi-ANC noma i-IFP. Ngizoba lapha inqobo nje uma isakhona le nkampani.”
Umthombo wesithombe: @SwallowsFC