Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
Ungqongqoshe wamaphoyisa kanye nokhomishana base-Eastern Cape ohambweni lwezinsuku ezimbili ezindaweni ezinobugebengu esifundazweni – okuyisifunda i-OR Tambo kanye nomasipala waseNelson Mandela Bay.
NgoLwesine, lolu hambo luqale ehholo lesiFunda i-OR Tambo eMthatha, lapho uNgqongqoshe wamaPhoyisa uSenzo Mchunu kanye noKhomishana wamaPhoyisa uJenene Fannie Masemola bezwe ngezigigaba izakhamuzi ezibhekana nazo emiphakathini egcwele ubugebengu eMthatha namaphethelo.
UMasemola uthe kuyacaca ukuthi ukungenelela kwamaphoyisa ukulwa nobugebengu endaweni ngaphambi kokhetho lwangomhlaka-29 kuNhlaba akwanele.
“Ngakho-ke, namuhla ungqongqoshe okhona njengamanje, uMnuz Senzo Mchunu, ulapha ukuze alalele izikhalazo zenu njengezinhlaka kanye nabantu ababalulekile esibasebenzelayo. Ngakho mtshele ukuthi yini lena ekukhathazayo eMthatha, njengoba lokho kuzosazisa ngezinhlelo ezizayo mayelana nokuthi yini enye esingayenza ukulwa nobugebengu kule ndawo,” usho kanje.
UMasemola uthe ubugebengu obuhleliwe budlange kakhulu eMthatha kangangokuthi ngisho nohlelo lwezobulungiswa luphazamisekile.
“Ubugebengu lapha eMthatha buhleliwe, futhi buhlelwa ngisho nangaphakathi ohlelweni lwezobulungiswa bobugebengu. Ngakho-ke, silapha ukuze sixoxisane nabanye ozakwethu eqenjini lezobulungiswa,” kusho uMasemola.
Uphinde wathinta izigameko ezikhulayo zokuthunjwa kwabantu ukuze bathole imali kulesi sifundazwe – wathi amaphoyisa aphezu kwalo msebenzi.
Ngokombiko wezibalo zobugebengu e-Eastern Cape owakhishwa uNgqongqoshe wezokuThutha nokuPhepha koMphakathi uXolile Nqatha ngoNdasa 2024, uMthatha uyisizinda sokubulala nokudlwengula esifundazweni.
Idolobhana lisendaweni yesibili ezweni ngezigameko zokudlwengula, njengoba kubikwe izigameko ezingu-83 phakathi kukaMfumfu noZibandlela 2023.
Esithombeni ngenhla: UNgqongqoshe wamaPhoyisa uSenzo Mchunu ehleli noNdunankulu wase-Eastern Cape u-Oscar Mabuyane.
Umthombo: X