Celani Sikhakhane
Kubukeka kusekude phambili kubasebenzi bakaMasipala wase-Zululand.
Emasontweni amathathu edlule imeya kaMasipala wase-Zululand icele ukuthi bonke abaphathi abaphezulu abangama-34 ukuthi balethe iziqu zabo ukuze ziqinisekiswe. Kwaphinde kwavela ukuthi abaphathi abaphezulu abayisikhombisa abanazo iziqu noma izitifiketi zebanga likamatikuletsheni.
Umphathi kaMasipala uMpumelelo Manqele uthe ukuqinisekiswa kweziqu kwenzeiwe kubaphathi abaphezulu abangama-34.
“Imeya uThulasizwe Buthelezi umemezele lokhu ngesikhathi ithatha ihlandla lesibili njengemeya yesifunda ukuze kwenziwe isiqiniseko sokuthi labo baphathi bahambisana nezinga elidingekayo ezikhundleni zabo,” usho kanje.
“Abanye balabo baphathi sebesulile ezikhundleni zabo kanti futhi izikhundla zabo zizokhangiswa.
Abanye abasebenzi bamisiwe ngenxa yokwenqaba ukudluliselwa kuMasipala waseDumbe.
Isisebenzi uDiliza Mlambo uxoshwe ngoLwesithathu ngemuva kokubhala ethi azikhale ku-Facebook okubonakale njengokubungaza ngemuva kokuba umntwana kaPhindangene uMangosuthu Buthelezi etholakale ukuthi une-Covid-19.
UMlambo unikezwe incwadi yokudluliswa kwakhe esuka kumasipala wase-Zululand ukuba aye kumasipala waseDumbe.
“Ngikhuluma nabammeli bami okwamanje ngoba angikaze ngibungaze ukugula komuntu ezinkundleni zokuxhumana, futhi ngabatshela ukuthi abahambe bayobuza kuNgizwe Mchunu ukuthi lithini leli gama,” kusho uMlambo oxoshwe emsebenzini.
Incwadi yokuxoshwa ephethwe i-Scrollla.Africa ithi: “Le ncwadi ikwazisa ngokuxoshwa kwakho kafushane.”
Le ncwadi iyaqhubeka ithi: “Ngazisiwe ukuthi uphawule kabi ezinkundleni zokuxhumana ngombhalo wakho.”
Ithi lokhu kuphawula kube nomthelela omubi egameni leqembu elidumile lezepolitiki kanye nomholi womphakathi ohlonishwa kakhulu.