
uLungani Zungu noPhilani Mzila
Umnikazi wefemu yefenisha, lapho okutholakale khona abantu abayisithupha abasolwa ngokuntshontsha beshe banqonqa, uzwakalise ukuzwelana nemindeni yabashonile.
“Kubuhlungu ukuthi eminye imindeni ilahlekelwe yizihlobo zayo ngendlela ebuhlungu kangaka. Siyazwelana nabo,” kusho u-Evelynn Khumalo.
Izidumbu ezitholakale ngaphakathi efemini yefenisha eMzimkhulu, e-KZN ngeSonto ebusuku ziyiswe emakhazeni. Amaphoyisa anxusa umphakathi wase-South Coast ukuthi uye emakhazeni wawo kahulumeni oseduze ukuyohlonza amalungu emindeni yawo.
U-Evelynn uthe kuzothatha isikhathi eside ukwakha kabusha le femu eneminyaka engama-30 ngokuphelele wathi abasebenzi bakhe abayishumi bazosala bengenawo umsebenzi izinyanga ezimbalwa.
“Umonakalo owenziwe lapha ufinyelela ezigidini eziningi. Kodwa kufanele sakhe kabusha, asinayo enye indlela.”
Kwesinye isigameko eMlazi, imindeni yabaphangi abalahlekile ikhathazekile ngokuthi kungenzeka ukuthi bashonele ngaphakathi e-Rhino Cash & Carry, eyashiswa ngesonto eledlule.
UGugu, ongathandanga ukudalula isibongo sakhe, uthe umalume wakhe ubephakathi kwabaphangi abaya esitolo kodwa wangabuya.
“Simfune yonke indawo ngaphandle kwempumelelo. Sitshelwe ukuthi ubengeyona ingxenye yokuphanga esitolo.”
Umndeni uthe umbhekile emakhazeni, ezibhedlela naseziteshini zamaphoyisa ngaphandle kwempumelelo.
Umsebenzi uthe abaphathi besikhungo bakholelwa ekutheni abanye abantu kungenzeka babhajwe emfucumfucwini.
“Bekufanele sibuyele emsebenzini ngoLwesithathu ukuyohlanza, kodwa sabuyiselwa emuva ngoba abaphathi bakholelwa ukuthi kusenezidumbu zabantu abashone ngesikhathi kuqhuma igesi,” kusho umsebenzi.
Ngokusho kwesisebenzi kunuka kabi esakhiweni.
Bangaphezu kwabangama-200 abantu asebeshonile ngenxa yezidubedube zangesonto eledlule.
I-National Joint Operational and Intelligence Structure (i-NatJOINTS) icele abantu ukuthi bathungathe amalungu emindeni yabo okungenzeka ukuthi ashonele kulo mbhikisho.