Everson Luhanga noKarabo Mtimkhulu
Kugqekezwe iziteshi zomsakazo i-Alex FM ne-Mams FM e-Gauteng kwantshontshwa nemishini yabo yokusakaza ngabaphangi ngoLwesibili ekuseni.
Esitatimendeni umphathi we-Alex FM uTakalane Nemangowe uthe bavukele ezindabeni zokuthi umsakazo womphakathi wabo ugqekezwe ngabaphangi.
“Isiteshi bekuyizwi labangakhulumi. Inkundla okuyiyona yodwa yabantu base-Alexandra igqekeziwe. Asinamsakazo manje,” esho.
Uthe abaphangi bathathe imishini yokusakaza elinganiselwa emalini eyizigidi ezi-R5.
I-Mams FM e-Mamelodi ngaphandle kwase-Tshwane nayo ihlaselwe yaphangwa imishini ebiza imali engaphezu kwezigidi eziyi-R1.5 nokudale umonakalo wemali eyizi-R100,000 kulesi sakhiwo.
Umphathi siteshi, uSam Mfaladi ukuqinisekisile ukuthi lokhu kuphangwa kwezinto kwenzeke ezintathakusa ngoLwesibili.
Kuthathwe imishini yomsakazo ehlanganisa ama-CDJ omsakazo, imibhobho, amakhompyutha, i-Plasma TV, izihlalo nakho konke okwakukhona ngabaphangi.
Lokhu kushiye izinkulungwane zabalaleli be-Mams Radio bedabukile futhi bephelelwe yithemba.
Amaphoyisa nezinye izinhlaka zezomthetho bebezama ukunqanda isimo e-Mams Mall, lapho lo msakazo otholakala khona futhi bakwazi ukuvala eminye iminyango yokungena kule nxanxathela yezitolo, ukwenza kube nzima ukuthi abaphangi bakwazi ukungena.