Abaphangi abahlanu abashonela emlilweni sebehlonziwe, kodwa abayisikhombisa basadukile

Everson Luhanga

Kukhona ukuthula kweminye yemindeni izihlobo zayo ezasha zangqongqa e-Tembisa Plaza ngesikhathi sezidubedube zangoNtulikazi, ngemuva kokuthi ukuhlolwa kolibofuzo kuhlonze abahlanu kwabashonile.

USenky Padima, uPholane Ndlovu, uMelusi Sibiya, uNtombifuthi Dladla kanye noThandeka Nkambule bashona ngesikhathi kuqhuma isilinda yegesi. Lokhu kuqhuma kwathungela umlilo owasabalala ezakhiweni eziningi. Abanye abantu bavaleleka esitolo sakwa-Shoprite basha bangqongqa.

NgeSonto imindeni edabukile, kodwa esikhululekile ihlele inkonzo yesikhumbuzo yabashonile, ebihanjelwe abangani namalungu omndeni.

Imindeni emihlanu ithe ijabule ngokuthola izihlobo zayo, kodwa eminye imindeni eyisikhombisa isathungatha izihlobo zayo.

I-Scroll.Africa sikhulume neminye yemindeni – leyo ethole izihlobo zayo kanye naleyo esaqhubeka nokuthungatha.

UNksz uNomthandazo Masungu, onendodana ebizwa ngoPholani engomunye wabashonile uthe kuyindaba egcine ngezinyembezi, kodwa uyajabula ukuthi ekugcineni usezokwazi ukungcwaba indodana yakhe.

UNomthandazo uthe ekuqaleni ubengakholwa ukuthi indodana yakhe ishonele emlilweni.

“Benginethemba lokuthi uPholani usaphila,” esho.

“Ngiye ezangoma ezibalelwa kweziyi-17 ngachitha imali engaphezu kweyizi-R10 000 ngizama ukuthola indodana yami. Bonke bathembisa ukuthi indodana yami iyaphila futhi badinga enye imali ukuze bayibuyise ekhaya”.

UNomthandazo ukhumbula ukuthi ucishe washona ngesikhathi abesilisa abebephethe izibhamu bemjaha ngemuva kokuba esinye sezangoma sikhombe umjondolo sithi indodana yakhe yenziwe isigqila futhi igcinwe emjondolo othile.

“Kuningi engidlule kukho. Ngijabule ukuthi sekuphelile,” engeza.

UThembelihle Vilakazi utshele i-Scroll.Africa ukuthi indodana yakhe uSiyabonga ishe yangqongqa.

“Ngibonga imiphumela emihle futhi sengizokwazi ukubeka indodana yami endaweni yayo yokugcina,” kusho uThembelihle.

UCremildo Rodrigues uthi ukholelwa ukuthi unkosikazi wakhe uSilvia usagqibeke kule nqwaba yemfucuza ese-Plaza engakaqedwa.

“Amaphoyisa athi idokodo lecala lokulahleka selivaliwe ngemuva kokuhlonzwa kwabantu bonke abebesemakhazeni. Kuthiwani ngathi esingabatholanga futhi abasekho abantu abashile emakhazeni?” esho.

“Unkosikazi wami ukwa-Shoprite ose-Tembisa Plaza. Ngifuna uhulumeni ahlanze leya ndawo ukuze ngimngcwabe futhi ngibe nokuthula”.

Izihloko zakamuva