Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
Amalungu amathathu kwamahlanu e-ANC ePhalamende ahlulekile ukuvota ephikisana nokwamukelwa kombiko wePhala Phala, akhishiwe kwisigungu esiphezulu esisha iNational Executive Congress (NEC) kuleli sonto.
ULindiwe Sisulu, uMosebenzi Zwane noMervyn Dirk bavalelwe ngaphandle, kodwa uSupra Mahumapelo noNkosazana Dlamini-Zuma baqokwa njengamalu eNEC angeziwe.
UMahumapelo uthole amavoti angu-1,336 kwathi uDlamini-Zuma wathola angu-1,402.
Le miphumela imenyezelwe ngoLwesithathu ikomidi lokhetho obelingamelwe owayenguMengameli uKgalema Motlanthe.
UMotlanthe uthe amalungu eNEC asanda kukhethwa kanti kunabesifazane abangu-41 nabesilisa abangu-39.
Ngesikhathi kuqhubeka lesi simemezelo, uNobhala-jikelele uFikile Mbalula uthe labo abathintekayo embikweniwokulawulwa kombuso nabasekomidini leqembu eliqondisa izigwegwe bazosithola lesi sinqumo ngokuhamba kwesikhathi.
“Udaba luka-Andile Lungisa lusekomidini leqembu lokuqondisa izigwegwe kanti luzodingidwa mhla zinhlanu kuMasingana ngaphambi komgubho weminyaka engu-111 weqembu.”
“Bekukuningi ukwesekwa okumgqugquzela ukuthi angenele ukhetho lokuba ilungu lesigungu esiphezulu futhi ikomidi lobuqotho lamvumela ukuthi angenele ukhetho.”
ULungisa uqokwe wakhethwa ngamavoti angu-1 758 kwathi owayenguMengameli wophiko lwabesifazane uBathabile Dlamini wathola amavoti angu-1,430.
ULungisa ufake isicelo phambi kwesigungu esiphezulu (NEC) ukuthi sibuyekeze isinqumo sokumisa ubulungu bakhe kuze kube mhla ziyisithupha kuMandulo ngonyaka ka-2023.
Lokhu kwamnika ithuba lokubamba iqhaza engqungqutheleni.
Ubekwe icala iqembu ngokwephula umthethosisekelo we-ANC ngemuva kokuthi eshaye ilungu leqembu eliphikisayo ngojeke wamanzi ngesikhathi kunengxabano emkhandlwini ngoMfumfu ngonyaka ka-2016.
UMbalula uthe isigungu esiphezulu esiphumayo sinqume ukuthi uDlamini avunyelwe ukuthi angenele ukhetho kanti udaba lukaLungisa kumanje lubhekiwe.
Uthe labo abathintekayo embikweni wokulawulwa kombuso udaba labo lusabuyekezwa kanti akekho oboshiwe noma obekwe icala.
“Sizolinda imiphumela yokubuyekezwa bese siphawula uma imiphumela isiphumile.”
Ukuchithile ukuthi uMengameli Cyril Ramaphosa ngeke aliqede ihlandla lakhe leminyaka emihlanu mayelana nezinsolo zokusetshenziswa budedengu kwezinqubo zomthetho kanye nokuhlanekezelwa kwecala lokushushiswa kwangasese elafakwa ngowayenguMengameli uJacob Zuma.
Esithombeni esingenhla: NguNobhala Jikelele we-ANC uMnu Fikile Mbalula
Umthombo wesithombe: Doreen Mokgolo