Abantu kumele bazifundise ukufunda umthetho webhola

Njengabantu bakuleli kubukeka sengathi sesinawo lo mkhuba wokucekela phansi okufanele sikuvikele, kubhala uMenzi Magubane.

Kuyihlazo ukuhlaselwa kukanompempe uVictor Gomes ezinkundleni zokuxhumana ngokuphatha kwakhe umdlalo phakathi kweKaizer Chiefs naMaZulu ngeSonto.

Ukukhipha amakhadi abomvu amane emdlalweni owodwa akukusha ebholeni likanobhutshuzwayo futhi uGomes ungomunye wonompempe abasezingeni eliphezulu abake bakhiqizwa izwe eminyakeni yakamuva.

Yebo uyawuqinisa umthetho, kodwa izinga lakhe lokuphatha liqotho.

Ubengeke amenywe i-Fifa ukuthi azophatha imidlalo yeNdebe yoMhlaba ka-2022 e-Qatar ezoqala ngenyanga ezayo ukube umsebenzi wakhe awumuhle. Phela unelayisensi ye-Fifa futhi kufanele izwe liziqhenye ngaye ngokuba ngowokuqala ukuphatha eNdebeni yoMhlaba.

Abanye abantu abebengeneme ngendlela awuphathe ngayo umdlalo wangeSonto baqhubeke nokumhlukumeza ezinkundleni zokuxhumana. Abantu bakhuluma kabi ngaye ngoba bengayiqondi indlela asebenza ngayo kanye nemithetho yomdlalo.

“Inkinga ngonompempe uVictor Gomes ukuthi unesiqiniseko sokuthi ungusaziwayo,” kusho uMario Mpofu ngemuva komdlalo.

“Uhlale edinga ukunakwa aze alingise ezikhangisweni zikamabonakude. UGomes uyaqiniseka ukuthi abalandeli kwesinye isikhathi bafika enkundleni ukuzobona yena. Lokho akukuhle ebholeni lakuleli futhi kushayisa ngamahloni ukukubuka.”

Uma sibheka amakhadi abomvu awanikeze abadlali nePhini lomqeqeshi uyabona ukuthi bekuyilungelo lakhe ukwenza lokho.

Elokuqala ulinike uVeluyeke Zulu odlala emuva kuMaZulu. Lo mdlali uthole amakhadi amabili aphuzi ngokushaya izimbangi ezihlukene ebusweni. Futhi uGomes umxwayisile izikhathi eziningi ngaphambi kokukhipha amakhadi aphuzi.

Elesibili nelesithathu ulinike abantu abebengekho enkundleni, kodwa abebesebhentshini. UGabadinho Mhango udume ngokungaziphathi kahle kanti umsizi kaGomes nguyena ombize ukuthi eze angenelele.

Esexoxile nomsizi wakhe uGomes uphuthume kuMhango obesevele eshintshiwe wamnika ikhadi elibomvu. Isekela lomqeqeshi wesithathu uJohan Abselo naye uphonswe phansi ngenxa yokuphika.

Pho nisola bani ngalawo makhadi abomvu, unompempe noma amaqembu angenasimilo?

Umqeqeshi woSuthu uBrandon Truter bekufanele alawule ibhentshi lakhe esikhundleni sokuthi atshele abezindaba ukuthi uGomes uphambene neqembu lakhe neChiefs. Ngemuva komdlalo umdlali weChiefs uGoerge Matlou, obengadlali naye uthole ikhadi elibomvu kulandela ukuqala kwakhe isiphithiphithi.

Esigamekweni esifanayo uGomes wenze ngokwemithetho ebimvumela ukuthi anikeze abadlali noma abaqeqeshi amakhadi abomvu noma ngabe umdlalo usuphelile inqobo nje uma besasenkundleni.

Ngiyabanxusa abathandi bebhola ukuthi bazinike isikhathi bafunde imithetho yomdlalo ngaphambi kokwahlulela onompempe ngokwenza umsebenzi wabo.

Umthombo wesithombe: @TimesLive

Izihloko zakamuva