Abantu besifazane abasembonini yamatekisi bagubhe usuku lwabantu besifazane

Everson Luhanga

Embonini yamatekisi liya ngokukhula udlame nokubulalana, kodwa idlanzana labantu besifazane abangena kuleli bhizinisi lezigidi bayaphumelela.

NgoMsombuluko abantu besifazane base-Gauteng bahlangane ndawonye babamba umkhuleko baphinde bagubha nosuku lwabantu besifazane.

Lo mcimbi obuhlanganiswe usihlalo ophethe I-Top Six organisation uBrenda Tshabalala ububanjelwe e-Turfontein endaweni yase-South of Johannesburg. Iningi labantu abeze kulo mcimbi bekungabantu abadala asebemkantshubomvu kuleli bhizinisi.

Lokhu kubulalana sekwenze abantu abaningi besifazane basabe ukuzibandakanya naleli bhizinisi ngaphandle ngokuthi bakhale ngemali yokuliqhuba kusho uBrenda.

UBrenda uthe udlame lokubulalana akusilo lodwa olwenzekayo kukhona nezingqinamba kuleli bhizinisi lamatekisi.

Ukhuvethe nalo linawo umthelela ngoba selithathe abaningi abasebenza nabo kusho uBrenda.

UBrenda uthi baningi abantu besifazane asebethathelwe amatekisi ikakhulukazi laba abashiywe ngabalingani babo.

Kwesinye isikhathi abanye abantu besilisa ababahloniphi abantu besifazane okukhombisa lokho, abanye abantu besifazane bathathelwe amatekisi abo ngaphandle kwesizathu.

Oshayela itekisi iphinde kube eyakhe uTshabalala okwimboni yamatekisi aseZonkezizwe uthe wasinda ngemvua kokuba adutshilwe ngezinhlamvu eziyi-15 egcekeni lakwakhe ngowezi-2018 kuNcwaba.

UTshabalala uthi akanalo ulwazi ukuthi yindaba inkabi yayimufuna efile. Ngiyajabula ukuthi ngasinda ngifuna ukujabula ngibungaze nabanye abantu besifazane abakhona emcimbini wanamuhla. 

Uthe unxenxe abantu besifazane ukuba bazimele beshadile noma bengashadile. Umyeni wami unamatekisi amabili nami ngokunjalo nginamatekisi amabili. Lokhu kwenziwa ukuthi angizange ngifune ukuthembela kuye nami ngangifisa ukuba ngizamele umndeni wami ngangena kanjaloke kwibhizinisi lamatekisi, usho kanjalo.

UKhomotso Tiro Makhubu oneminyaka engama-69 ophethe e-Roodepoort naye ubewuhambele lo mcimbi.

Uthi umcimbi wanamuhla umkhumbuze ukuthi ungumuntu wesifazane onamandla futhi angenza umehluko omukhulu kumnotho waseNingizimu Africa.

Njengabantu besifazane sidinga ukubamba iqhaza nathi ekuthuthukiseni umnotho.

Ngemuva kokuba umcimbi uphele abantu besifazane basukumile bacula baphinde badansa,  ngaphambi kokuba bathole okuya ngasethunjini.

Izihloko zakamuva