Abantu besaba igagasi lesithathu njengoba iPhasika lisondela

Kamogelo Muvhenzhe

Ngesikhathi sePhasika ngonyaka owedlule izwe lalisesigabeni sesihlanu sokuvalwa kwezwe, futhi akukho ukuhamba okuphakathi kwezifundazwe obekuvunyelwe. Kanti namasonto amaningi aphoqeleka ukumisa izinkonzo zawo zePhasika.

Njengoba kuza impelasonto yePhasika kunokwesabela ukuthi imibuthano emikhulu emasontweni, emicimbini nasekuhambeni kwezifundazwe ingadala igagasi lesithathu.

E-Limpopo, izinkulungwane zabantu kulindeleke ukuthi zitheleke kulesi sifundazweni ngenkathi ezinye zezivakashi zifunda okuningi futhi zijabulela ezokuvakasha.

Amakhulu ezinkulungwane zabahambi kulindeleke ukuthi basuke emadolobheni amakhulu baye ezifundazweni zabo zasemakhaya ukuyogubha impelasonto nemindeni yabo, iningi labo lisebenzisa izithuthi zomphakathi.

Ngesonto eledlule, iKomidi Eleluleka uNgqongqoshe liphakamise ukuthi izwe libuyiselwe ezingeni eliphakeme kakhulu lomvalelo ukunqanda ukwanda kwezifo.

USara Mashalane osebenza e-Germiston kodwa odabuka e-Moltjie uthe akakaze achithe impelasonto yePhasika kude nomuzi wangakubo.

“Uma sibuyiselwa ezingeni eliphezulu ngizoqhubeka ngihambe ngosuku olwandulela ukuqala komvalelo. Angisoze ngachitha iPhasika kude nomndeni wami. Esingakwenza nje ukuthandazela umusa kaNkulunkulu ukuthi singahaqwa yileli gciwane uma sesisendleleni eya emakhaya,” kusho yena.

USihlalo woMkhandlu Wamasonto waseNingizimu Afrika e-Limpopo, uMfundisi Awedani Nemawukhwe, uthe kuze kube uMengameli umemezela noma yiluphi ushintsho emazingeni bakulungele ukusingatha izinkonzo zesonto.

“Siyazi ukuthi imibuthano emikhulu yenza abantu babe sengozini yokuthola igciwane ngokungenasidingo yingakho sihlukanise imihlangano yethu yamabandla,” kusho yena.

“Singathanda ukuba nabantu abangaphezu kwama-250 emibuthanweni, kodwa siyaqonda ukuthi noma yiliphi izinga esizobekwa kulo angeke kube isijeziso kodwa kuzoba yindlela yokunqanda igciwane.”

I-Zion Christian Church, okungelinye lamasonto amakhulu e-Afrika yamisa uhambo lwayo lwePhasika oluya endaweni engcwele ngonyaka odlule, futhi ayikaze isho lutho ngokubamba ingqungquthela yaminyaka yonke kulo nyaka.

Izihloko zakamuva