Abantu bendawo abaphelelwe yithemba badela izimbuzi ukuthola amanzi ahlanzekile

Dalphine Tagwireyi

Ngemuva kweminyaka emine yezethembiso ezingekho, abantu basemakhaya abaphelelwe yithemba e-Elukwatini, eMpumalanga sebephendukele ekushintshaniseni ngezimbuzi zabo ukuthola amalitha amanzi okuphuza ahlanzekile.

UGogo uMandisa Sithobe utshele i-Scrolla.Africa ukuthi imali namanzi kuyizinto eziyindlala esigodini.

“Sinomfudlana oseduze lapho esithola khona amanzi okugeza nokuwasha, kodwa sihlanganyela lo mfula nemfuyo futhi akuphephile ukuphuza khona,” kusho yena.

“Abanye abantu abangakwazi ukukhokha ama-R20 esigubhu samanzi esingu-25 litre sebephendukele ekuhwebeni ngezimbuzi zabo ukuze bathole amanzi okuphuza nokupheka.”

Omunye umhlali wakule ndawo, uThato Sibudane, uthe useshintshisane ngezimbuzi ezintathu ukuze umndeni wakhe wamalungu ayisishiyagalombili uthole amanzi ahlanzekile.

“Eminyakeni emine eyedlule sathenjiswa amanzi agelezayo. Kwabizwa imindeni ukuthi inikele i-R1,000” kusho yena.

“Abanye bethu banikele ngemali encane ebesiyonge ezimalini zethu zempesheni ukuze kuthengwe amapayipi kodwa asikatholi mpendulo mayelana namapayipi athengiwe.”

Uthe bazimisele ukwenza noma yini ukuze imindeni yabo ithole amanzi ahlanzekile.

Umthengisi wamanzi e-Elukwatini utshele i-Scrolla.Africa ukuthi uletha kuphela amanzi kubahlali abakhokhile, futhi akanalo ulwazi lokuthi abaphathi bakhe bamukela izimbuzi ukushintshisana ngamanzi.

UThaphelo Phetla, ovela kuMasipala iChief Albert Luthuli uthe umasipala usebenza ngokuzikhandla ukuqinisekisa ukuthi izindawo zokuhlala ezintsha zihlinzekwa ngamanzi.

Izihloko zakamuva