Lubhalwe nguZukile Majova
Umhleli wezepolitiki
Izikhulu ze-ANC ezishayelelwa ngezimoto ezinkulu sezajwayela ukukhonjiswa inhlonipho noma yikuphi lapho ziya khona.
I-National Working Committee ye-ANC isho lokhu ngesikhathi iphendula esigamekweni sangempelasonto lapho amalungu ophiko lokuvikela iPhini likaMengameli ashaye khona abashayeli bezimoto emgwaqeni onguthelawayeka u-N1 ngaphandle kwaseGoli.
UNobhala-Jikelele we-ANC uFikile Mbalula uchaze izenzo zabo zokuqhumisa izibhamu kubantu abangahlomile “njengobugwala.”
Abaholi be-ANC bathi babonile ukuthi abashayeli nezakhamizi sebekhathele ngosopolitiki ababahlukumeza ngamalambu aluhlaza emigwaqeni.
“Sihamba kuleli ngezimoto zethu futhi yonke indawo abantu basikhombisa umunwe ophakathi. Abantu bazonda amalambu aluhlaza, ikakhulukazi e-Western Cape lapho uNdunankulu avale khona amalambu aluhlaza ngokungemthetho,” kusho uMbalula.
Uthe izakhamuzi zase-Western Cape zikhombisa ngokusobala ukunengeka kwazo ngosopolitiki abasebenzisa amalambu aluhlaza wengeza ngokuthi ukuphikiswa okufanayo sekuyabonakala “kulo lonke izwe lapho abantu abangafuni khona ukusuka endleni uma kufanele basuke.”
“Amalambu aluhlaza enzelwe inhloso ethile.”
UMbalula uthe iqeqebana elihamba ngezimoto ezimbili zohlobo lwe-BMW SUV ebelijutshwe iPhini likaMengameli uPaul Mashatile kumele limiswe.
“I-ANC ithuke kakhulu ngalesi sigameko sodlame esenzeke emgwaqeni esithinta amalungu akwa-SAPS ajutshwe ukuthi avikele iPhini likaMengameli. Lokhu akubona nje ubugwala kuphela kodwa kuphambene nalokho
okufanele abakwa-SAPS bakumele okuwukuvikela wonke amalungu omphakathi,” kusho uMbalula.
Uthe isenzo salezi zikhulu sehlisa isithunzi seqembu elibusayo nohulumeni walo.
“Yiluphi usongo abalubone kuleyo moto olubenze banquma ukuhlasela abantu? I-Ipid kumele iphenye.
“Sinxusa ukuthi kumiswe labo abathintekayo kuphinde kuqinisekiswe ukuthi bayajeziswa ngalokhu uma kwenzeka betholakala benephutha.”
I-ANC isenkingeni njengoba yehluleka ukuthola amavoti amaningi komasipala ababalulekile abafana neNelson Mandela Bay, iTheku, Ekurhuleni, eGoli kanye nase-Tshwane ngokhetho lohulumeni basekhaya lwango-2021.
Leli qembu lisengcupheni yokulahlekelwa ukuphatha kuhulumeni wesifundazwe saseGoli kanti ukuvuka kabusha kwe-IFP KwaZulu-Natal kusho ukuthi lesi sifundazwe asisesona isizinda sokuzingela se-ANC.
Esithombeni esingenhla: UFikile Mbalula