Abantu base-Malawi abanesibindi bazibeka engcupheni yokuvalelwa ejele ukugubha umbukiso wokuqala wokuziqhenya

Arthur Greene

EMalawi, ukuthandana kwabantu bobulili obufanayo kuphambene nomthetho futhi kungakufaka ejele iminyaka eyi-14.

Kodwa ngempelasonto, cishe amalungu angama-50 omphakathi we-LGBTQ+ adelele umthetho, futhi amasha edlula enhlokodolobha yezwe i-Lilongwe embukisweni wokuqala wokuziqhenya ezweni.

Umbukiso uhambisane nenyanga yokuziqhenya 

yaminyaka yonke, futhi wenzeke ngempelasonto eyandulela usuku lokuziqhenya lomhlaba wonke ngoMsombuluko ngomhla zingama-28 kuNhlangulana.

Naphezu kobungozi obubhekene nababemasha bekungumcimbi ojabulisayo.

U-Andreas oneminyaka engama-29 obemasha, utshele i-The Guardian ukuthi, “Ngizizwa ngijabule kakhulu ukuba yingxenye yalokhu.

“Ukuba yisitabane e-Malawi kunzima futhi kudinga isibindi esikhulu ukuphumela obala njengami. Sengidlule kokuningi, okubalwa ukuthukwa nokucwaswa. Nginenhlanhla yokuthi nginomndeni onothando owangamukela ngendlela engiyiyo.”

Abaningi bebegqoke imibala egqamile yothingo, abanye bephethe izingqwembe ezibhalwe iziqubulo, “samukele ukuguquka kwethu,” “ukuziqhenya kuhlanganisa umhlaba,” “uthando luza kuqala” futhi “i-Malawi ingeyethu nathi!”

Ukuze bazivikele ekuboshweni, abamashayo bebegqoke izifonyo ukuzifihla ukuthi bangobani, ngenkathi bedansa futhi becula bethi “Viva LGBTI!”

Yize bekunokudelela futhi kunenjabulo, kodwa kulethe  ubumbano lwesikhashana ekubandlululweni komphakathi wase-Malawi we-LGBTQ + obhekana nakho nsuku zonke.

Abamashi abaningi batshele leli phephandaba ukuthi babhekana nokushushiswa nsuku zonke futhi baphila impilo yabo ngokwesaba.

Batshela abezindaba ngokuphathwa kabi ngamaphoyisa, ukuxhashazwa esikoleni, ukuphikwa yimindeni yabo nokuphoqeleka ukufihla ubulili babo emphakathini.

UChrispine oneminyaka engama-30, uthe ngesikhathi ephumela obala ngobulili bakhe waxoshwa ekhaya eneminyaka eyi-18.

“Kwakunzima kimi ngoba akekho owayefuna ukuzihlanganisa nami. Bengicindezeleke ngempela,” esho.

“Ngisho nakwezepolitiki angimelwe muntu futhi angivunyelwe ukuba nami ngibe nezwi. Ngicabanga ukuthi lokhu kungumlando futhi umzuzu ebesikade siwulangazelela. Ngiyazi ukuthi phambilini besingeke sikwazi ukwenza lokhu.”

Phambilini ohulumeni base-Malawi bathembise ukuthi bazoyibuyekeza imithetho ephathelene nobungqingili, kodwa kuze kube manje zincane izinyathelo ezithathiwe.

Umthombo wesithombe: @HumanRightsMW

Izihloko zakamuva