Elmon Tshikhudo
NgoLwesithathu bahambe bedangele abahlali baseJimmy Jones nasezigodini eziseduze nase-Malamulele e-Limpopo. Banqatshelwe ukungena eNkantolo yeMantshi yase-Malamulele ngesikhathi umsolwa owabulala u-Enoch Ndou evele enkantolo.
UNdou ubekwe amacala ayisikhombisa okubulala ngemuva kokubulawa ngesihluku kwamalungu omndeni wakhe ayisikhombisa, okubalwa kuwo nezingane ezintathu, ngobusuku obandulela uKhisimusi ngonyaka odlule eJimmy Jones.
Kuvunyelwe izihlobo ezimbalwa eziseduze kanye nabaholi bomphakathi ukungena enkantolo ngenkathi iqulu labantu livalelwe ngaphandle ngokuhambisana nemithetho ye-Covid-19.
“Siphuma ezigodini ezihlukene, ukusivalela ngaphandle kwenza kubukeke sengathi asiweseki umndeni. Besifuna ukubona lesi silwane esinonya kangaka,” kusho uMarvin Mabasa esangweni.
UHlengani Maluleke ohlala endaweni uthe, ukuhlehliswa kwecala kumusize kakhulu.
“Lo mlisa akayena umuntu ongaphila nabantu, kumele avalelwe ezitokisini unomphela. Ukumgcina ezitokisini ngaphandle kwebheyili kuhle. Sisazolwela nokuthi anqatshelwe ibheyili noma engasifaka isicelo sakhe,” esho.
Kubukeka sengathi ukubulawa kwabantu kudalwe umbango wekhaya lomndeni owashiywa ubaba wabo.
Umsolwa ongunompilo e-Polokwane kuthiwa ube nengxabano eshubile namanye amalungu omndeni ethi nguyena oyindlalifa yalo muzi, abanye baphikisana naye.
Ngemuva kokudubula, umsolwa ubalekile endaweni yesigameko wazinikela emaphoyiseni ase-Thohoyandou lapho avalelwe khona.
UNdou uvele enkantolo ngesonto eledlule icala lakhe lahlehliselwa uLwesithathu. Icala liphinde lahlehliselwa umhlaka-28 kuMasingana ukuze azitholele ummeli wakhe.
Abashonile abazongcwatshwa ngempelasonto emathuneni endawo nguMpho Donald Ndou oneminyaka engu-33 uNdivhuwo Douglas Ndou oneminyaka engu-33, unkosikazi kaNdou uPortia Mabasa oneminyaka engu-37, uRendani Winnus Ndou oneminyaka engu-12, uWanga Ndou ononyaka owodwa, uRonewa Ndou oneminyaka emine noDakalo Makondo Ndou oneminyaka eyisishiyagalombili.
Okhulumela umndeni uThendo Mulaudzi uthe amalungu omndeni asele asazama ukwamukela okwenzeke ngalolu suku. “Okwenzekile njengamanje kungaphansi kophenyo lwamaphoyisa. Akukho esisazokusho. Siyethemba ukuthi ezobulungiswa zizosisebenzela kahle. Le ndoda ifanelwe isijeziso esikhulu,” esho.