Celani Sikhakhane
Abantu basendaweni yaKwaHlathi, ngase-Ladysmith eKZN, bakholelwa ekutheni itshe elicwebezelayo elitholakala emagqumeni lizoletha ithemba lezezimali abebelokhu belithandazela.
Izindaba zokutholakala kwedayimane zasabalala ngokushesha ngemuva kokuthi owesilisa wase-Lesotho, osebenza njengomelusi wezinkomo etshele umphakathi ukuthi uthole idayimane.
USolwazi Sithole wasendaweni yaseKuvukeni uvakashele leli gquma ngoMgqibelo, yena, nabanye abaningi, bathola amanye ala matshe.
USithole utshele i-Scrolla.Africa ukuthi angakuqinisekisa ukuthi amatshe abawatholile angamadayimane.
“Ngiwawashile ukuze ngiqinisekise umuzwa wami. Okwamanje angazi ukuthi ngizowadayisa kuphi kodwa ngiyazi ukuthi ngizoceba kusukela manje,” kusho uSithole.
Kusukela ngoLwesihlanu, abantu bebetheleka e-Mbulwane Hill beyomba lokho abakholelwa ukuthi kungamadayimane.
Awekho amadayimane ake atholwa e-Ladysmith phambilini.
Induna yendawo uMelusi Kunene uthe kudingeke ukuthi abize amaphoyisa azoqapha le ndawo abike nodaba kwiNgonyama Trust.
“Abantu bazogcina bebanga lamaminerali yize kungekho muntu okuqinisekisile ukuthi yidayimane langempela,” kusho yena.
Uthe balindele ukuthi uMnyango Wezokumbiwa ufike kule ndawo kuleli sonto.
Ikhansela laku-Ward 12 uSizwe Simelane, naye owazama inhlanhla, uthe balinde uHulumeni wesiFundazwe ukuthi athumele ithimba elizobheka ukuthi ngabe akhona yini ngempela amadayimane kule ndawo.
“Owesilisa othole lamadayimane usevele wanyamalala. Ngicabanga ukuthi uthathe amatshe akhe wawayisa e-Lesotho ngoba akatholakali ndawo,” esho.
Idayimane lokuqala elibalulekile elatholakala eNingizimu Afrika latholakala ngowezi-1866 litholwa ngu-Erasmus Jacobs indodana yomlimi, owaqoqa amatshe amahle nabangani bakhe eduze kwe-Orange River – indlela ende kakhulu ukusuka emagqumeni ase-Ladysmith