Kamogelo Muvhenzhe
Uhulumeni wase-Austria umemezele ukuthi uzokwenza imigomo ye-Covid-19 ibe impoqo kubantu abaneminyaka eyi-14 nangaphezulu.
Uma abantu bengakwenzi lokho, bazohlawuliswa imali efinyelela kwizi-65,000 zamarandi njalo ezinyangeni ezintathu.
Kuze kube manje, bangama-68% kuphela abantu base-Austrian abagonywe ngokugcwele, okungenye yamazinga aphansi kakhulu emazweni omhlaba wokuqala.
I-Reuters ibika ukuthi ukungabaza kukhuthazwa iqembu lesithathu elikhulu ezweni, i-Freedom Party.
Ngenkathi izifo ziqala ukwanda emasontweni amathathu edlule, uhulumeni wamemezela ukuvalwa kwezwe kwesine.
UNgqongqoshe wezindaba zomthethosisekelo uKaroline Edtstadler utshele isithangami sabezindaba ukuthi lokhu akukona ukujezisa abantu abangagonyiwe.
“Sifuna ukubanqoba beze nganeno futhi sibakhuthaze ukuthi bagome.”
UNgqongqoshe wezempilo uWolfgang Mueckstein uthe kuzoba nomnqamulajuqu wokugoma njalo ngekota futhi iziphathimandla zizobheka uhlu oluzobhalwa amagama abantu abagomile ukuze kube nesiqiniseko ukuthi amalungu omphakathi akhona yini kulo.
Wengeze ngokuthi uma kungenjalo, kuzolethwa ukuqulwa kwamacala kanti imali yenhlawulo izoba ngama-euro ayi-3 600 (R65,000).
Lo mthetho wokugoma, okuzodingeka uqale ugunyazwe iphalamende, kulindeleke ukuthi uqale ngoNhlolanja ngonyaka wezi-2022 futhi uqhubeke kuze kube nguMasingana ngonyaka wezi-2024.