Abantu base-Alex bashaye owesilisa oshise izindlu eziyisithupha kubangwa intombazane nekhulu lamarandi

Everson Luhanga

Abangani uSibusiso Ngema noMmeli Mbatha bahlangane nowesifazane endaweni yokucima ukoma kwathi ngokushesha bobabili babona ukuthi banemizwa yothando ngaye.

Umbango wabo ngowesifazane uholele enkingeni enkulu.

Ngenxa yalokhu, kushe izindlu eziyisithupha kanti owesilisa osolwa ngokuzishisa njengamanje ulwela impilo yakhe esibhedlela, ngemuva kokushaywa kabi yiqulu lamalungu omphakathi.

Ingxabano eshubile yabangani iqale ngesikhathi uMmeli ekhipha udaba lwemali eyi-R100 uNgema amkweleta yona isikhathi esingaphezu konyaka. Wabe esesabisa ngokushisa indlu kaNgema, waphuma ngesankahlu ethaveni eyokwenza usongo lwakhe.

Kodwa-ke, ngemuva kokushiswa kwendlu kaNgema cishe phakathi kwamabili ngoMgqibelo, amalangabi asakazeka ngokushesha ezindlini ezingomakhelwane futhi kungapheli sikhathi esingakanani izindlu eziyisithupha zabe sezigcwele intuthu.

Ekhuluma ne-Scrolla.Africa, uYamkelwa Ruxwana uthe ubebukela ngesikhathi abangani bakhe ababili bexabana bebanga owesifazane ethaveni ngoMgqibelo ebusuku. Uthe ubenethemba lokuthi lamadoda azokuxazulula kalula ukungezwani kwabo bebanga intombazane ababengakaze bahlangane nayo bobabili phambilini.

ULerato Nkoana uthe ubelele ngesikhathi kusha indlu yakhe. “Ekuqaleni, ngizwe ukuqhuma okukhulu.

“Bengingafuni ukubheka ngoba bekungekho emnyango wami,” kusho uLerato.

Uthe uzwe ukungqubuzana okuqhubekayo komakhelwane, wabona ifu lentuthu lingena ophahleni lwakhe. “Ngavele ngabona ukuthi indlu iyasha.

“Into yokuqala engicabange ngayo ukuhlenga izingane zami ezimbili ezineminyaka eyisikhombisa neyi-11 ebezilele. Ngemuva kwalokho, ngithathe ucingo lwami ngashayela izicishamlilo ukuthi zizosiza ukucisha umlilo.

ULerato uthe ubheke yonke into iphelela emlilweni. “Ngilala endaweni yabangani. Angisenalutho olusele.

Uthe ngesikhathi ematasa ebiza abezicishamlilo, abahlali babambe uMmeli bamshaya. “Engikuzwile nje ukuthi ushaywe kanzima futhi ulwela impilo yakhe esibhedlela i-Edenvale.

U-Isaac Mangena, ongumhlali e-Alexandra, uthe amalungu omphakathi abedinwe egane unwabu asebenzise ubulungiswa bezixuku ngenxa yokuhamba kancane kwempendulo yamaphoyisa kuleli cala.

“Abantu abavamile ukuthola usizo emaphoyiseni uma kunesikhalazo,” kusho uMangena.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uKaputeni Kay Makhubele usiqinisekisile lesi sigameko.

UMakhubele uthe amaphoyisa aphenya icala lokuzama ukubulala kanti akukaboshwa muntu okwamanje.

Izihloko zakamuva