Abantu bakwa-Borana eningizimu ne Ethiopia bagubhe umkhosi we-Gada okuwusiko lwabo lwasendulo

Lubhalwe nguRorisang Modiba

Abantu bakwa-Borana e-ningizimu Ethiopia bagubhe umkhosi we-Gada, usiko lasendulo elidlulisela ubuholi njalo eminyakeni eyisishiyagalombili.

Izinkulungwane zabantu zihlangene eningizimu ne Ethiopia ukuze zibungaze lo mcimbi wokushintshwa kobuholi emphakathini wama-Borana.

Uhlelo lwe-Gada, olugujwa ngomculo, umdanso kanye nemikhuba yesintu, lwamukelwa yi-UNESCO ngo-2016 njengengxenye yefa emhlabeni.

Lo mcimbi obanjelwe e-Arda Jila Badhasa eduze ne-Arero, uthatha isonto lonke futhi uphawula ukudluliselwa kwamandla ukusuka ku-Abbaa Gadaa (umholi wendabuko) ukuya komunye.

Kodwa-ke, akukhona nje ukushintshwa kobuholi kungumkhosi wokugubha ubuqotho, intando yeningi nesiko lomphakathi.

Zonke izizukulwane zizilungiselela ngokugqoka izingubo zendabuko, zibe yingxenye emculweni, umdanso nasemikhubeni edluliselwa ezizukulwaneni ngezizukulwane.

Ngaphambi kosuku lokudlulisela ubuholi, abesifazane abashadile bahola umkhosi okhethekile bephethe izinduku zokhuni ezibizwa ngokuthi ama-siinqee izimpawu eziyisikhumbuzo sokuthula nokuvikela.

Uma omunye ebeka le nduku phansi ngesikhathi kunengxabano, wonke umuntu kufanele ayeke ngokushesha ngenhlonipho.

Nakuba abesifazane bengabambi iqhaza ekubuseni, badlala indima ebalulekile kulo mcimbi.

Bayasiza ekuhleleni umcimbi, bakhe izindlu zesikhashana futhi balungise ukudla kwabantu abaningi abakhona.

Uhlelo lwe-Gada lulandela uhlelo oluqinile lwesizukulwane.

Amadodana ozalo lwe-Gada kuphela angafakwa kulo mkhuba, futhi izinhloko zabo eziphuciwe zibonisa isigaba sabo kulolusiko umbuthano omncane ukhombisa ukuthi umfana usekhulile.

Ngo-2016, i-UNESCO yamukela uhlelo lwe-Gada njengengxenye yefa lemvelo elingasumile emhlabeni.

Nanamuhla, lolu hlelo luhlala luyinsika yobumbano nokuziqhenya kubantu bakwa-Borana, abaqhubeka nokulugubha ngenjabulo nenhloso ecacile.

Esithombeni esingenhla: Umcimbi wakwa-Borana

Umthombo wesithombe: @NCIC_Kenya

Izihloko zakamuva