Abantu bakuleli bagxeka amaphoyisa

Everson Luhanga

Imibono iyashayisana ngokwenziwa ngamaphoyisa kubantu abaqhamuka emazweni angaphandle.

Abanye abantu bakuthatha njengehlaya elisha elenziwa amaphoyisa e-SAPS kanti abanye bayakugxeka okwenziwa izikhulu zamaphoyisa ezibuza abantu abaqhamuka kwamanye amazwe amagama endawo ukuze kubonakale ubuzwe babo.

Isithombe esithathwe emasontweni adlule sibonisa iphoyisa eligqoke umfaniswano libuza isalukazi ukuthi lishiwo kanjani igama elithi indololwane ngolimi lwaseNingizimu Afrika. Uma ngabe isalukazi besihluleka ukusho  besizovalelwa sithathwe njengomuntu oqhamuka emazweni angaphandle ohleli lapha ngokungemthetho.

Abahlaziyi bawugxekile umkhuba ongekho emthethweni bathi uyabheda  futhi bawubona njengento ebuyisa ubandlululo lokuhlukunyezwa kwabantu abamnyama lapho iziphathimandla zazisetshenziswa ngezindlela ezahlukene ukuhlukanisa abohlanga.

Abantu bathi ukucela umuntu ukuthi asho igama elithi indololwane bese eyahluleka ukuphendula ukumbopha yinto engafanele.

Njengoba uhulumeni eqinisa isandla kubantu bakwamanye amazwe abangenazo izincwadi ezingxenyeni eziningi zezwe sekunezithombe ezisabalele ezinkundleni zokuxhumana ezikhuluma ngokuthi umbona kanjani umuntu wakuleli nomuntu oqhamuka kwamanye amazwe.

Ungoti wolimi uVonisani Jimbo Mabunda uthe uma amaphoyisa esebenzisa udaba lendololwane ukuthola abantu bakwamanye amazwe, lokho kukhombisa ukuthi amaphoyisa e-SAPS awayazi into ayenzayo. 

“Akekho umuntu owazi zonke izilimi eNingizimu Afrika,” kuchaza uMabunda.

“Lokhu kucekela phansi isithunzi sabomthetho okufanele banikezwe izinsiza ukuze benze umsebenzi wabo ngendlela efanele,” kusho uJimbo.

UMabunda uthi leligama lalisetshenziswa ngesikhathi sobandlululo nanjengohlobo lweqhinga ukucwasa ngokwebala. Uthe umuntu okhuluma isi-Tsonga akawazi amagama esiZulu futhi okhuluma isi-Xhosa akawazi amagama esi-Sotho kanjalo nezinye izilimi. 

UMabunda uthe uhulumeni kumele aqhamuke nezinhlelo zokuthi angasiza kanjani labo abangenawo amaphepha asemthethweni nokulungisa udaba lokulawulwa kwemingcele ukuze kulawuleke ukufuduka kwabantu.

UMnyango wamaphoyisa uthe bonke abantu kufanele baphathe omazisi babo. 

Uma umuntu ehluleka ukukhipha amaphepha asemthethweni uzoboshwa ngokushesha.

UMnyango wezaseKhaya kanye namaphoyisa baqinise ezokuphepha e-Diepsloot kulandela umbhikisho onodlame wangesonto eledlule owaholela ekutheni kubulawe oqhamuka ezweni langaphandle e-Zimbabwe u-Elvis Nyathi ngesenzo sobulungiswa.

Scrolla World Cup Quiz