
Lubhalwe nguZukile Majova
Umhleli wezepolitiki
Bakhishwe ngokuphepha bonke abantu bakuleli abebesezweni elikhungethwe impi i-Sudan.
UMengameli uCyril Ramaphosa usebenzise zonke izinsiza zezobunxusa ezikhona esifundeni futhi uye wacela usizo emazweni afana ne-Saudi Arabia, i-Sudan kanye ne-Egypt.
Okubaluleke kakhulu ukuthi i-Gift of the Givers okuyinhlangano enkulu kunazo zonke kuleli yokubhekana nezinhlekelele isize abantu bakuleli abebezama ukubaleka ezweni lempi ngaphandle kwezincwadi zokuhamba.
Le nhlangano iphinde yakhipha izakhamizi zamazwe angomakhelwane akuleli okuhlanganisa i-Angola ne-Zimbabwe.
Abantu bakuleli abayisishiyagalombili abasuke e-Sudan bephuthuma abakwazanga ukuya ezindlini zabo ukuze bathole omazisi babo ngoba bebevaleleke emngceleni wase-Egypt.
Okhulumela ubudlelwano bamazwe ngamazwe uClayson Monyela uthe iqembu lesibili lifike esikhumulweni sezindiza i-OR Tambo ngoMgqibelo ntambama.
“Sesingakuqinisekisa ukuthi bonke abantu bakuleli esibaziyo babuyile e-Sudan. Ukuphuma kwabantu ngale ndlela akulula futhi sibhekane nobunzima nokukhungatheka okuningi,” esho.
“Siyakwazisa ukusebenzisana nokwesekwa i-Gift of the Givers, i-Egypt, i-Saudi Arabia kanye ne-Sudan.”
Kudingeke ukuthi iqembu elilodwa labantu bakuleli liwele lisuka e-Port Sudan liya e-Jeddah okuyidolobha lase-Saudi Arabia eliseduze koLwandle Olubomvu.
“Isikhulu sethu kwezokuhlaliswa kwabantu kanye nethimba lakhe babatholile base beyasiza. Umqashi wabo ubakhokhele amathikithi endiza.”
Uthe amaqembu akhishwe ngamabhasi e-Khartoum nawo awele umngcele angena e-Egypt. Uhulumeni ukhokhele amabhasi amabili.
“I-Gift of the Givers isebenzisane nezikhulu zethu yakhokhela elinye ibhasi,” esho. Uhulumeni ubhukhe amahhotela e-Egypt wase ekhokhela namathikithi okuya eGoli.
Amasosha alwayo enhlokodolobha yase-Sudan aphule okungenani izivumelwano ezintathu zokumiswa kwezikhali ebeziklanyelwe ukuvikela ukudlula okuphephile kwemishini yangaphandle kanye nezakhamizi eziphuma e-Khartoum.
Umbango wezikhundla phakathi kwebutho lase-Sudan kanye ne-Rapid Support Forces usuphendule i-Khartoum impushana echithekele edolobheni eliseduze ne-Bahri.
I-World Health Organisation ithe iqophe ukushona kwabantu abangu-413 ngoLwesihlanu kanti abangu-3,551 balimale ngemuva kwempi esidonse cishe amasonto amabili.