Abantu abaningi abamnyama sebekhetha ukushisa izidumbu zemindeni yabo

Kabelo Tlhabanelo

Eminyakeni eminingi, ukushiswa kwesidumbu bekuthathwa njengechilo esizweni sama-Afrika, kodwa sebebaningi abantu abamnyama asebekwenza lokhu.

Izindawo ezishisa izidumbu zase-Ningizimu-Afrika (i-ICSA) baveze ukuthi inani labantu asebekhetha ukushisa izidumbu zamalungu emindeni yabo selinyuke ngephesenti elingama-20 ngnyaka odlule. 

UVusi Twayi ophethe indawo yamakhaza ebizwa nge-Twilight Funeral Home esendaweni yase-Mangaung bathi lokhu kwenziwa ukukhula kwenani labantu abashonayo bedlula ngesifo se-Covid-19.

“Sebebaningi abantu abamnyama abafaka isicelo sokushiswa kwamalungu emindeni yabo asuke eshonile, abanye baze bacele ukuthatha umlotha bayowugcina emzini yabo” kusho uTwayi.

UTumi Magano oyilungu le-ICSA uthe omasipala abaningi emazweni wonke, izindawo zabo zokungcwaba sezigcwele ngenxa yokunyuka kwesibalo sabantu abashonayo.

Utshele i-Scrolla.Africa ukuthi “ukushiswa komzimba kusuke kunciphisa ukusetshenziswa kwemigodi futhi kuyasiza ngoba amathuna asegcwele kakhulu, nomlotha uyaphatheka futhi uyakwazi ukuhamba nawo. Umlotha bawufaka kwi-urn noma kwisitsha esikhulu esivalekayo futhi umuntu angakwazi ukuwuphatha noma ikuphi lapho eya khona”.

UMagano uthe umndeni usuke unesikhathi sonke sokuthatha isinqumo sokuthi umlotha bazowenzani ngemuva kokushisa isidumbu. Bangawubeka emgodini lapho kuhlala eminye imilotha, abanye bayawuchitha, kodwa abanye bawugcine emzini yabo.

UTsotetsi Phoba utshele i-Scrolla.Africa ukuthi ushise isidumbu sikamama wakhe uMatsotetsi obeneminyaka engama-82 oqhamuka endaweni yase-Botshabelo, uthe ushise isidumbu sikamama wakhe ngoba kwakuyisifiso sakhe ngemuva kokuba ashone ezinyangeni ezintathu ezedlule.

“Bekuyisifiso sakhe ukuba ngishise isidumbu sakhe waphinde wangicela ukuba ngichithe umlotha wakhe emfuleni wase-Vaal” kusho uTsotetsi.

Uthe umama wakhe ungowokuqala emndenini ukuba ashiswe kanti naye uyafisa ukushiswa uma eseshonile. “Ngiyakholelwa ekutheni lokhu  kusindisa  umhlaba”

Izihloko zakamuva