Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Kubulawe abaholi ababili bebandla iSt John’s esigcemeni saseLusaka eNyanga eKapa ngoLwesibili ebusuku.
Ikhehla elineminyaka engu-77 ubudala kanye nonkosikazi walo oneminyaka engu-70 badutshulwe ekhanda bedla isidlo sasebusuku ekhaya.
Isakhamuzi esasisemagcekeni aleli bandla ngaleso sikhathi nesingathandanga kudalulwe igama laso sithe ababulali basondela kulaba bobabili, benza sengathi badinga usizo.
“Abagilwa bebesiza noma ngubani ngisho bengewona amalungu ebandla yingakho bengazange babe nankinga ngesikhathi bebona amadoda efika emzini wabo,” usho kanje.
Isakhamuzi sikholelwa ukuthi ababulali kungenzeka kube yilaba abashisa isonto eminyakeni emithathu edlule, babulala indodana yalezi zithandani.
Ilungu lesonto liveze ukwesaba nokudideka kwalo: “Siyesaba futhi sishiye nemibuzo eminingi. Ubani ongabulala abantu abadala kanje? Benzeni ukuze babulawe kanje?”
UMnuz Dumisani Qwebe osebenzela abaqaphi bendawo eNyanga uthe ukubulawa kwalaba kukhombisa kabuhlungu ubugebengu emalokishini wanxusa amasonto ukuthi akhulume.
“Amabandla athule kumele asukume, ukuthula kwawo kunika usathane amandla, kumele sithandaze kakhulu ngoba akuqali ukubulawa kwabaholi bamabandla,” usho kanje.
Okhulumela amaphoyisa e-SAPS eWestern Cape uSergeant Wesley Twigg uthe amaphoyisa athungatha abasolwa ababili abangaziwa.
Bobabili abagilwa bashonele esikhungweni sezokwelapha.
Esithombeni esingenhla: Amalambu amaphoyisa.
Umthombo: Ifayela
