Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Owesifazane oneminyaka engu-67 ubudala obeyilungu lekomiti lomgwaqo eSite B, eKhayelitsha, eKapa, udutshulwe washona ngoMgqibelo ekuseni.
Isakhamuzi, esicele ukungadalulwa igama, sithe: “Silahlekelwe ngumuntu onamandla futhi obesikhulumela.
“Ngesonto eledlule sibe nomhlangano ngemuva kokubulawa kowesifazane osemusha. Isalukazi esabulawa sakhuluma kakhulu kulowo mhlangano. Sicabanga ukuthi yingakho ebulewe,” kusho isakhamuzi.
“Ubehlala yedwa,” kusho isakhamuzi. “Sithukile sithola isidumbu sakhe ngoMgqibelo ekuseni.
“Abanye abantu bezwe kuqhuma isibhamu babona amadoda amabili ehamba. Bebengagijimi, okukhombisa ukuthi abengasabi muntu,” kusho isakhamuzi.
Wengeze ngokuthi wonke umuntu eSite B usashaqekile.
“Kuzoba nzima ukuthi siye emihlanganweni manje noma sikhulume ngobugebengu. Kuyacaca ukuthi siphila nezigebengu ezingafuni kushintshe lutho,” kusho yena.
Ilungu lomndeni elingathandanga ukudalulwa lithe baqale babona izindaba kuFacebook zowesifazane osekhulile odutshulwe wafa kodwa bengazi ukuthi yisihlobo sabo.
“Indaba ngiyibone ekhasini likaFacebook, kodwa lalingekho igama, ngakho angizange ngicabange ukuthi nguye ngaze ngathola ucingo lungitshela ukuthi udutshuliwe.”
“Siphatheke kabi kakhulu futhi sididekile. Asiqondi ukuthi kungani ebulewe. Emhlanganweni ubesenza umsebenzi wakhe njengomunye wekomiti lomgwaqo,” kusho leli lungu lomndeni.
Okhulumela amaphoyisa aseWestern Cape uSergeant Wesley Twigg uthe amaphoyisa aseKhayelitsha avule icala lokubulala.
“Amaphoyisa aye endaweni yesigameko afica owesifazane elele phansi ekhishini enenxeba lokudutshulwa ekhanda. Abasebenzi bezempilo baveze ukuthi ushonile endaweni yesigameko,” kusho uTwigg.
Kusaphenywa ngesizathu sokuhlasela, kanti akukaboshwa muntu okwamanje.
Esithombeni esingenhla: Amalambu amaphoyisa.
Umthombo: Ifayela