Abantu abaneminyaka eyi-18 sebengaqala ukuthola umgomo we-Covid-19 kusho uNgqongqoshe wezempilo

Dylan Bettencourt

Ukugonywa kwabantu abaneminyaka eyi-18-34 kungase kusheshe kuqale ngenxa yokuthi lehlile izinga labantu abafikayo bezogomela i-Covid-19 kulamasonto amabili adlule.

Lokhu kushiwo uNgqongqoshe wezempilo osanda kuqokwa u-Dr Joe Phaahla, uthe uhulumeni ulindeleke ukuba avumele bonke abantu asebebadala ukuba bangawuthatha umgomo we-Covid-19.

Sekunezingcingo ezibika ukuthi kumele baqale banikeze iqembu labantu abadala lokugcina umugomo we-Covid-19 kulelisonto kunokuba balinde umhla zi-1 kuMandulo.

UPhaahla uphinde wakhuluma ngezindaba zomugomo we-Covid-19 ezikhulunywa kwizinkundla zokuxhumana ezingalona iqiniso. Uveze nokuthi lokhu okukhulunywa ezinkundleni zokuxhumana kungenzeka kube yimbangela yokwehla kwesibalo sabantu abeza ukuzogoma kulamasonto amabili adlule.

Lolu daba oluphatha umugomo we-Covid -19 olungelona iqiniso liya ngokukhula ezinkundleni zokuxhumana. Ngakho-ke kumele siphinde sibhekane nalo kusho uNgqongqoshe wezempilo ekhuluma ku-Radio 702.

UPhaahla ongene esikhundleni sikaZweli Mkhize njengoNgqongqoshe wezempilo ekuqaleni kwalenyanga, uthe emyangweni wezempilo bakhuluma udaba lokuthi usuku lokugoma iqembu labadala lokugcina kumele lusondezwe. Kushiwo izinsuku ezimbili okungase kuqalwe ngazo ukugoma okungase kube sekupheleni kwalelisonto noma ngoMsombuluko mhla zingama-23 kuNcwaba.

Izindawo eziyisikhombisa zokugoma azikaze zigcwale selokhu kuqale lelisonto, ngokusho kwe-Business for South Africa (B4SA) imikhakha ezimele izothatha nanoba ubani ozofuna ukuzogomela i-Covid-19.

I-B4SA ikhiphe isitatimende esithi umkhakha ozimele uzovumela nanoma ubani ukuba athole umgomo we-Covid-19 inqobo nje uma ephethe umazisi, incwadi egunyaza ukungena noma ukuphuma kulelizwe kanye nokunye okuqinisekisa imininingwane yakho ngaphandle kokwazi ubuzwe bakho.

Izindawo ezibaliwe i-Dischem, u-Clicks, izibhedlela ezizimele kanye nomkhakha ozimele onikeza abantu umgomo we-Covid-19.

INingizimu Afrika isibhalise abantu abayizigidi ezi-9,557,542 yagoma abantu abadala ababalelwa kumaphesenti angama-10,46.

Abantu abayizi-170,413 bathola umugomo mhla zingama-16 kuMandulo baphinde babe izi-7,983 okwaphuma ukuthi sebetheleleke nge-Covid-19 ngalolosuku.

Umthombo wesithombe: @TheConversation

Izihloko zakamuva