Kabelo Tlhabanelo
Abatshontsha izinkomo esifundazweni sase-Free State baboshiwe ngemuva kokuntshotsha izinkomo ezi-11 ngesikhathi umshayeli wabo evela ukuthi uyiphoyisa elifihlekile.
Amaphoyisa athole ukulunywa indlebe ngeqhinga lokuntshontsha izinkomo ezingama-Bonsmara ezi-11 ezibiza imali eyizi-220,000 zamarandi, baphinde bathola ukuthi abasolwa abanalo icebo lokuthutha izinkomo ezebiwe.
Iphoyisa elcele ukuba lingadalulwa igama lalo lithe: “Sithole ukuthi abasolwa bebengenalo iloli lokuhambisa izinkomo bezisusa epulazini abebezontshontsha kulo.”
Ngakho-ke, amaphoyisa ase-Odendaalsrus ahlanganise ithimba elibhekana nokuntshontshwa kanye namaphoyisa ase-Welkom omphakathi bahlela iloli elizoshayelwa iphoyisa elisebenza umshoshaphansi lihlangane nabo epulazini e-Wesselsbron.
Iphoyisa lithe izigebengu zithembise umshayeli imali ezi-2,500 zamarandi uma ngabe engabasiza ukuhambisa izinkomo ezebiwe.
Uthe isigebengu sikwazile ukungenisa inkomo eyodwa ngemuva, ngaphambi kokuba kuqhamuke amaphoyisa abecashe eduze nendawo.
Ngesikhathi besazama ukufaka izingomo ezi-11 kwiloli, kuvumbuke amaphoyisa amaningi kulaba abesilisa, abazame ukubaleka. Kodwa libashonele ngoba amaphoyisa abesekulindele ukuthi bangase babaleke ingakho ekwazile ukubabamba.
I-Scrolla.Africa ikhulume nomnikazi wezinkomo othe ubejabulile ngokuboshwa kwalaba abatshontsha izinkomo futhi akazange afise ukuqhubeka aphawule ngalolu daba.
Okhulumela amaphoyisa uBrigadier Motantsi Makhele uqinisekisile ngokuboshwa kwabasolwa abathathu abaneminyaka elinganiselwa kwengama-33 kuya kwengama-35.
“Izinkomo ezi-11 eziwuhlobo le-Bonsmara ezibiza imali eyizi-220,000 zamarandi umnikazi wepulazi ukwazile ukuzibona wase wanikezwa zona” kusho uMakhele.
Abasolwa bazovela enkantolo yemantshi i-Wesselsbron ngoMsombuluko mhla zingama-20 kuMandulo.