Sizwe Sibiya
Iqembu leAbadumisi Bevangeli lomculo selivuke umbhejazane ngokunqoba umncintiswano wamakhwaya kowezi-2020 Gospel Icon Discovery ngeSonto – laletha ithemba nokuziqhenya emphakathini ohlaselwe ububha, izidakamizwa nokukhulelwa kwentsha.
Baye ekhaya KwaSanti, e-Pinetown, eThekwini, nesheke lemali eyizi-R65,000 nendebe esindayo. Kodwa futhi ithemba elikhulu nesivumelwano sokuqopha nakho kuphakathi kwemiklomelo.
Elinye ilungu elidala lekhwaya, uSiyanda Radebe, uthe bekungelula neze ukuwina lo mncintiswano njengoba bekufanele bebhekane nokwehlulwa iminyaka emithathu ilandelana.
“Siqale ukungenela umncintiswano kowezi-2016 lapho sahlulwa khona. Kowezi-2017 sakhishwa futhi. Kodwa sakhula. Ukuphikelela kusisizile ngokuthi kowezi-2018 siqede kunombolo yesithathu,” kusho uSiyanda.
“Besizozama futhi kowezi-2019, kodwa umqhudelwano awubanga bikho.”
Umculi we-Soprano uSphamandla Mkhize, oneminyaka engama-23, obekuleli qembu kusukela lisakhula, utshele abakwa-Scrolla.Africa ukuthi leli qembu lasungulwa kowezi-2012 ngenhloso yokugcina intsha imatasa.
“Sasingabafundi esikoleni samabanga aphezulu iSizinda ngenkathi siqala iqembu. Besifuna ukushintsha izimpilo zethu siphinde sisize enye intsha. Ngaleso sikhathi kwakuyikhwaya exube abafana namantombazane, kodwa ngokuhamba kwesikhathi sanquma ukuthi kumele kube yiqembu labafana kuphela,” uyasho.
Leli qembu linamalungu ayi-13 aneminyaka ephakathi kweyi-18 kanye nengama-29 kanti amanye asafunda lapho amanye esebenza futhi enemindeni yawo.
Leli qembu liphethwe nguVusi Msomi njengengxenye yesisekelo seMsomhlophe ne-albhamu esihloko sayo sithi Baba Sixolele yaphuma kowezi-2018.
Ilungu leqembu uSanele Mtumtum uthe lesi akusona isiphetho kodwa isiqalo.
“Yilapho umsebenzi onzima wangempela uqala khona,” uyasho.
“Sizosebenza kakhulu kunakuqala kwi-albhamu ezayo nakweminye imincintiswano.”
I-Global Icon Discovery ingumncintiswano weminyaka yonke womculo we-gospel osingathwe nguMasipala weTheku.