Lubhalwe ngu-Everson Luhanga noZukile Majova
Akukho okujwayelekile ngoMsombuluko womhlaka-20 kuNdasa.
Lona kuzobe kuwukuphela koMsombuluko emlandweni wakuleli lapho uhulumeni azobe etshale khona wonke amaphoyisa acishe abe ngu-200 000 ukuze avikele impilo nempahla ngesikhathi kuqhubeka umbhikisho.
Ukwengeza kulokho, kujutshwe amasosha angaba ngu-73,000 azobe elindile ngokusho kukaNgqongqoshe wezokuvikela ongumakadebona wezimpi uThandi Modise.
Ngakolunye uhlangothi kunamalungu e-EFF angaphezu kuka-1.2 million okuyiqembu elabhalisa abalandeli abangu-2.4 million okhethweni olwedlule.
Lolu suku luzongena emlandweni njengochungechunge lwemibhikisho emikhulu yakuleli yentando yeningi.
Balinganiselwa kwizigidi ezimbili abantu abazobe bebhikisha emadolobheni nasemadolobheni angaphezu kwekhulu ezweni lonke.
NgeSonto bekubonakala amaphoyisa amaningi ezweni lonke. Amasosha amaningi ebegcwele imigwaqo e-Soweto kanye nasesikhumulweni sezindiza i-OR Tambo.
EGoli, e-Tembisa, e-Alexandra kanye nase-Diepsloot bekugcwele amasosha. Kube nokujutshwa okukhulu kwabezomthetho.
Amaphoyisa aphinde abonakala eshaqa amathayi abebekwe ngobuchule ezindaweni ezibalulekile njengasemigwaqeni emikhulu ephithizelayo e-Western Cape, KwaZulu-Natal kanye naseMpumalanga.
Kunokukhathazeka phakathi
kwezakhamizi ezingenaso isiqiniseko sokuthi kuzokwenzekani ngalolu suku.
Kodwa into eqinisekisiwe ukuthi kuzoba nombhikisho omkhulu ezweni lonke.
Lo mbhikisho uwukukhombisa ngokuzikhukhumeza ukukhuphuka kweqembu lezepolitiki labamnyama okungelesibili ngobukhulu ngaphambi kokhetho lukazwelonke lwango-2024.
UJulius Malema owayeyilungu le-ANC owaxoshwa kuleli qembu eminyakeni eyishumi eyedlule usebuyile njengoba ayethembisile ukuthi uzobuya noshintsho.
UMengameli uCyril Ramaphosa owaxosha uMalema kwi-ANC usechaze lokho okubizwa ngokuthi ukuvalwa kwezwe njengemizamo yokuguqula umbuso – ukuthatha umbuso ngodlame kanye nokususwa kukaMengameli.
“Elakuleli libuswa umthetho. Siyintando yeningi yomthethosisekelo. Ushintsho lombuso lungenzeka kuphela ngevoti.
“Ngeke kwenzeke ngezinxushunxushu kanye nokudala uthuthuva ezweni,” kusho uRamaphosa.
Emahoreni angamashumi amabili nane ngaphambi kombhikisho wokuvalwa kwezwe, imiphakathi yasemakhaya neyasemalokishi ibone ushintsho olwamukelekayo ngesikhathi amaphoyisa ezulazula ezindaweni zawo.
U-Eskom wehlise ukucishwa kukagesi kwaba esigabeni sokuqala, kanti ngokuhamba kwesikhathi kuye kwamiswa ngokuphelele, nokube impendulo yezepolitiki embhikishweni we-EFF obuphikisana nokucishwa kukagesi.
UNgqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele ubeseThekwini lapho iziteshi zamaphoyisa ezingu-42 ezahluleka khona ukuvimba ukuphangwa nokucekelwa phansi kwamabhizinisi ngesikhathi sezibhelu zangoNtulikazi ngo-2021.
UKhomishana wamaPhoyisa kazwelonke uLt General Fannie Masemola ubesesikhumulweni sezindiza i-OR Tambo lapho akhulume khona nethimba lamaphoyisa ajutshwe esikhumulweni sezindiza sikazwelonke.
Ubuholi be-EFF sebusho kaningi ukuthi umbhikisho uhlelwe kahle nokuthi ubuholi begatsha bunolwazi oluningi ukuze kugwenywe iziyaluyalu nokuphanga. Kodwa lokhu kuzobonakala kuphela ngemuva kwamabili.
Lena indaba eqhubekayo ezobuyekezwa ngezikhathi ezithile
Esithombeni esigenhla:UJulius Malema
Umthombo wesithombe: @EFFSouthAfrica