Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Abantu baKwaZulu-Natal bawushaye indiva umbhikisho kaJulius Malema wokususa uMengameli uCyril Ramaphosa esikhundleni.
Isixuku esincane kanye nabashayeli bamatekisi abambalwa bahlangane ekomkhulu le-EFF esifundazweni ku-Moore Road namhlanje ekuseni.
Umbhikisho ubunokuthula njengomyalelo wobuholi be-EFF. Lo mbhikisho ubugcwele idolobha lonke laseThekwini.
Amaphoyisa ebegcwele yonke indawo KwaZulu-Natal ukuqinisekisa ukuthi awekho amabhizinisi aphazamisekayo.
Edolobheni laseThekwini abantu abaningi bebebonakala bevele ngamawindi ezindlu zabo beseka umbhikisho.
Abanye bebephephezelisa ifulegi lezinhlangano zabo zezepolitiki njenge-IFP.
Amaqembu azwelana ne-ANC akhiphe isexwayiso kumalungu awo ukuthi azobhekana nohlelo lwangaphakathi lokuqondiswa izigwegwe uma ejoyina lo mbhikisho.
USihlalo wenhlangano iSinothando Youth Rural, uMnu Mlungisi Zungu uthe abafuni kube khona obhikishayo enhlanganweni yabo.
“Lo mbhikisho owokucekela phansi umnotho wethu kanye nokuphepha kwezwe lethu. Yingakho singeke sivumele amalungu ethu abe yingxenye yawo,” kusho uZungu.
Esithombeni esingenhla: Unobhala-jikelele we-EFF uMarshall Dlamini exabana namaphoyisa abezama ukubavimba ngesikhathi kuqhubeka umbhikisho eThekwini.
Umthombo wesithombe: Celani Sikhakhane