Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Abanikazi bezitolo bakwamanye amazwe eLusikisiki baphoqa abanye abantu bangaphandle ukuthi baphume ngezinsongo nodlame, bethi izwe lakubo liyakwenqabela ukusondelana kwezitolo eduze.
Omunye wokufika esigodini saseHombe ushaywe yizigebengu eziqashiwe ngemuva kokunqaba ukuvala isitolo sakhe, kuyilapho izakhamuzi zibalekela ukugwema ingozi.
Izakhamizi zasesigodini saseHombe eLusikisiki zithi abanikazi bezitolo bakwamanye amazwe bavukelana bodwa njengoba impi eshubile ihlasele umphakathi wabo othule.
Abantu abahlala kule ndawo bathi abanikazi bezitolo baxosha abokufika emazweni abo. Abasanda kufika batshelwa ukuthi abavunyelwe ukuvula isitolo esiseduze nalesi esivele sikhona ngoba bephula imithetho yasemakhaya.
Izakhamizi zakuleli zithi le mithetho yakwamanye amazwe ayihlangene neNingizimu Afrika, futhi sezikhathele ukubona udlame emigwaqeni yazo.
ULusindiso Ngemntu (40) uthi inkinga iqala uma kufika umnikazi wesitolo omusha ezama ukuvula esakhe. “Sibabonile belwa bejahana emgwaqeni asazi ukuthi kwenzakalani, ngokuhamba kwesikhathi sezwa kuthiwa lo owayevele elapha watshela ofikayo ukuthi akavunyelwe ukuvula isitolo endaweni,” usho kanje.
UNgemntu uthi abantu bakulesi sigodi bakhathazekile ngokuthi uma umuntu waseNingizimu Afrika ezama ukuvula isitolo, kuzosuka udlame olufanayo.
Esinye isakhamuzi sithi umnikazi wesitolo wangaphandle ushaywe yizigebengu ngemuva kokunqaba ukuvala.
“Lokhu kubi kakhulu. Kwezinye izifundazwe izigebengu zisongela abanikazi bezitolo bokufika. Kodwa lapha basebenzisa udlame. Baqasha izigebengu ukuthi zishaye futhi zethuse abantu bakubo,” kusho isakhamuzi.
Izakhamuzi zithi azingeni ezimpini kodwa ziyangenelela uma kuphuma izikhali. “Sibabonile bejahana bephethe izikhali, sayihlakaza ngaphambi kokuthi kubulawe umuntu,” kusho isakhamuzi.
Esithombeni esingenhla: Abanikazi bezitolo esigodini saseHombe eLusikisiki baxoshane endaweni yebhizinisi.
Umthombo wesithombe: UBuziwe Nocuze
