Abanikazi bezitolo bakhala ngobugebengu emakhaya

Everson Luhanga

Ezindaweni zasemakhaya e-Limpopo kuliwa impi yobugebengu.

Abanikazi bezitolo abaqhamuka  emazweni angaphandle abaneziphaza ezindaweni zasemakhaya e-Limpopo babhekana nokuthunjwa, ukugetshengwa nokudutshulwa ngesikhathi beqhuba amabhizinisi abo.

Sekuyingxenye yansuku zonke futhi impilo yasemakhaya iqhubeka sengathi akwenzekanga lutho.

Amaphoyisa athi lempi iphakathi kwabanikazi bezipaza abaqhamuka emazweni angaphandle ngakho izakhamizi zakuleli zivele zishaye engathi aziboni lutho kanti nabanikazi beziphaza bavele baqhube amabhizinisi abo njengenjwayelo.

Iziphaza ezikuMasipala wase-Greater Letaba ezikhula mihla namalanga zigcwala kakhulu ezindaweni ezingenazo izinxanxathela zezitolo.

Njengemayini yegolide esanda kuhlaselwa impi yokuzinza kulamadolobhana ibingelula neze kubanikazi abaningi bezitolo. Abaningi balahlekelwe kakhulu ezandleni leqembu lezigebengu elihlala lihlomile ngezikhali.

I-Scrolla.Africa sikhulume no-Idris Patel obesendaweni yakhe yokugcina impahla ese-Ga-Raphahlelo.  UPatel uphethe uxhaxha lwezitolo zesiphaza kanye nenye yezindawo ezintathu ezinkulu zokugcina izimpahla ezigodini. Uthe phambilini uke wasinda ekudutshulweni, ukuthunjwa nokugetshengwa ekhonjwe ngezibhamu.

“Sengineminyaka engaphezu kuka-15 ngenza ibhizinisi kulezi zindawo zokuhlala,” kusho u-Idris.

“Ngike ngaba isisulu sobugebengu lapho ngike ngathunjwa khona ngagetshengwa. Ngasekuqaleni kwalo nyaka ngadutshulwa inhlamvu yangena emlenzeni wami.”

UPatel uthe usola ukuthi kukhona ithimba lobugebengu elibhekene nosomabhizinisi, ukuthumba, ukugebenga nokubulala njengendlela  yabo yokulawula indawo.

Umphathi wesiteshi samaphoyisa ase-Sekgosese uColonel Machete uqinisekise kwa-Scrolla.Africa ukuthi uye kwesinye sezigameko zobugebengu lapho uPatel ayeyisisulu khona lapho “athunjwa wabanjwa inkunzi,” kusho uMachete.

“Ngemuva kokubanjwa inkunzi abasolwa abangaziwa bashiya izikhiye zemoto buqamama lapho kuthiwa akayozilanda khona sebehambile.

UColonel Machete uthe amaphoyisa aqinise ukugada kwawo kule ndawo selokhu afika njengomphathi wesiteshi ngoNdasa.

UPatel uthe nguyena oneziphaza  ezahlukene ezigodini. Ngesikhathi i-Scrolla.Africa ivakashele lapho agcina khona izimpahla ngoLwesihlanu amaveni abelayishe zonke izinhlobo zezimpahla abethunyelwa kwezinye iziphaza.

“Okwamanje ibhizinisi limi kahle kodwa sicela amaphoyisa ukuthi asize ngokuba khona kwawo ukuze asisize siphephe ngesikhathi sisasebenza lapha.”

Kule mpi ebithule izakhamizi zendawo ebezineziphaza kudingeke ukuthi zivale iminyango ngenxa yalokhu ezikubiza ngokukhishwa ngamabomu kulo mnotho.

U-Angelina Ramano oneminyaka engu-45 uthathe isitolo sikayise ongasekho.

Uthe iminyaka eminingi ubaba wakhe u-Alpheus Ramano owashona ngo-2016 wazama ukugcina ibhizinisi lakhe liphila.

Uthe imizamo kababa wakhe yokukhulisa ibhizinisi yachithwa izitolo ezidayisa amakhowe zakwamanye amazwe. 

“Nginezipaza ezine ezingizungezile. Amakhasimende eza kimi ezothenga amakota kuphela,” kusho u-Angelina. 

Omunye owayengumnikazi wesiphaza uPhalange Nelly Matye unebhizinisi lakhe lapho ethosela amakhasimende akhe ama-chips kanti wayenza imali engaphansi kuka-R300 ngesonto.

“Akukho engangingakwenza ngalivala ibhizinisi. Ngangingeke ngisakwazi ukugcina isitoko.”

Uthe izitolo zabaphuma emazweni angaphandle zibaphoqe ngezindlela eziningi. Enye indlela ukunikeza abantu bendawo isikweletu. Kodwa abanikazi bezitolo bendawo badinga imali yabo yansuku zonke ukuze bagcine isitoko.

“Abantu abaningi bathembele kwizibonelelo zakwa-Sassa futhi abanayo imali ngaso sonke isikhathi. Laba bantu basiza abantu abahluphekayo ikakhulukazi abantu abadala.”

I-Scrolla.Africa sixoxisane nabanikazi bezitolo abaningi abaveze uvo lwabo.

NgamaSonto iziphaza eziphethwe abantu abaqhamuka emazweni angaphandle zivala iminyango amahora amaningi uma kuyiwa esontweni zishiya izakhamuzi dengwane. Abantu bendawo bathi lokhu kukhombisa ukuthi iziphaza zikhululeke kangakanani ezindaweni zasemakhaya  okusho ukuthi bangakwazi ukuvala izinsiza eziyisisekelo amasonto onke ngaphandle kokubheka umthelela.

Izihloko zakamuva