Abanikazi bemizi yase-Kariega bathukuthele ngenxa yokungalutholi usizo lwezikhukhula

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Izakhamizi zase-Kariega e-Eastern Cape imizi yazo ekhahlanyezwe yizikhukhula zithi zibona sengathi azinakiwe kunalokho iziphathimandla zinake kakhulu izakhamizi zasemijondolo ezikhahlanyezwe izikhukhula. 

Cishe ngemva kwezinyanga ezimbili izikhukhula zicekele phansi izingxenye zeNelson Mandela Bay, abantu abangaphezu kuka-1 200 e-Lower Central, e-Kariega, basele dengwane ngaphandle kosizo lukaHulumeni lokulungisa amakhaya abo. 

Njengoba izindlu zabo zingenawo umshwalense futhi iningi labanikazi bezindlu e-Lower Central alisebenzi abanye sebekhulile, ezinye izakhamuzi bezingenayo enye indlela ngaphandle kokulala ezindlini zazo ezikhahlanyezwe yizikhukhula.

Isakhamuzi sase-Lower Central uMariam Gamieldien uthe ukuvakasha kukaMengameli uCyril Ramaphosa mhlaka-7 kuNhlangulana ubezobukwa nje. 

“Umengameli ufike lapha wazulazula, ikakhulukazi eduze komsele, wavakashela nemizi embalwa.  Besicabanga ukuthi ukuba khona kwakhe lapha kuzoletha izixazululo, kodwa lutho. 

“Esikufunayo wukuthola impatho efanayo neyezakhamizi zasemijondolo ngoba abanye bethu lapha badonsa kanzima ngenxa yokuthi sesibadala futhi asisebenzi,” kusho uGamieldien.

Ikhansela lakuwadi-48, uMnuz Franay van de Linde, uthe azikho iziphathimandla eziphumele obala ukuze zisize izakhamizi ezihlala ezindlini ezisemthethweni. 

“Ngathola ikhophi ye-imeyili nefomu lokufaka isicelo ehhovisi likasomlomo ngomhlaka-3 kuNhlangulana futhi ngacabanga ukuthi lokho kuzosiza ukusheshisa ukuletha usizo kubantu base-Central,” kusho uVan de Linde. 

Uthe ufake izicelo ezingu-1,213 ukuze bathole usizo, kodwa selokhu afaka isicelo, idolobha alikakhulumi ukuthi lingazisiza kanjani izakhamuzi. 

I-Lower Central inemigwaqo eyonakele, izintambo zikagesi ezilengayo kanye nendle echichima emigodini. 

Ilungu lePhalamende le-DA uRetief Odendaal uthe kuyakhathaza kakhulu ukuthi izakhamizi zase-Lower Central azikalutholi usizo namanje.  

“Ngenxa yesicelo sezimali zezinhlekelele esenziwe kuMgcinimafa kaZwelonke, kusho ukuthi idolobha lingalungisa isabelomali salo [sangonyaka ka-2024-25] ukuze lilungise ingqalasizinda, futhi uma izimali zezinhlekelele sezabiwe, [lingakwazi] ukuqondisa kabusha izimali lapho eyathathwa khona imali,” kusho u-Odendaal. 

Esithombeni ngenhla: UMariam Gamieldien, isakhamuzi sase-Lower Central e-Kariega. 

Umthombo: Uthunyelwe 

Izihloko zakamuva