Abangenamakhaya balala emathuneni

Lungani Zungu

Emini, i-Brown Street Cemetery esenkabeni yedolobha laseThekwini ibukeka njengendawo ejwayelekile, kodwa ebusuku iba yindawo ephephile yabantu abangenamakhaya abalala phezu kwamatshe amathuna.

Amatshe amaningi amathuna asecekelwe phansi.

U-Ian Smith, umkhulu wakhe uJohn Smith owangcwatshwa lapha ngowezi-1929, wayejwayele ukuhlanza ithuna likamkhulu wakhe kabili ngenyanga, kodwa useyekile selokhu itshe lethuna lacekelwa phansi ngabantu abalala phezu kwalo.

“Akusasizi ukuthi sihlanze ithuna likamkhulu manje ngoba bahlala belicekela phansi,” kusho yena.

“Amaphoyisa kumele aqale ukubopha abantu abaphazamisa amathuna. Akekho umuntu ofuna kucekelwe phansi amathuna abantu ababathandayo.”

Umdayisi wasemgwaqweni uNobuhle Ngema utshele i-Scrolla.Afrika ukuthi abantu abangenamakhaya sekuphele iminyaka engaphezu kweyishumi belala khona.

“Abantu abaningi babanjwa inkunzi endaweni. Ngikholwa wukuthi kwenziwa ngabantu abangenamakhaya.”

Ukugqekezwa kwenkaba yedolobha laseThekwini sekuholele ekutheni amaphoyisa oMkhandlu akhe isiteshi esiqhele ngamakhilomitha amahlanu ukusuka kule ndawo. Njengoba ukugqekezwa kwehlile, abantu abangenamakhaya basalala emathuneni.

Umelaphi wendabuko uBhongolethu Mzozo, owaziwa ngoSolwazi uKhehlelezi, uthe miningi imimoya emathuneni futhi kumele ihlonishwe.

“Emasikweni amaningi, amathuna ayindawo engcwele,” kusho uMzozo.

“Amathuna abizwa ngendawo yokuphumula ngoba abafileyo kumele baphumule ngokuthula emathuneni abo. Abantu abalala lapha kufanele bame ngaphambi kokuthi imimoya yabantu abafile iziphindiselele.”

Ngokwe-The Wellness Center Trust esiza abantu abangenamakhaya eThekwini kunabantu ababalelwa kwizu-4 000 abangenawo amakhaya enkabeni yedolobha.

UMasipala weTheku uthe ubakhele izindawo zokuhlala abantu abangenamakhaya ngenhloso yokuhlanza leli dolobha.

Izihloko zakamuva