Abangcwabi babhikishela ukuguqulwa kwezinsuku zokungcwaba

Doreen Mokgolo

Abangcwabi kanye nezakhamizi base-Ekurhuleni bafuna iDolobha lase-Ekurhuleni liguqule isinqumo salo sokumisa ukungcwatshwa ngeSonto kanye nangamaholide.

Esazisweni esikhishwe yi-City Resources Environment, Waste and Management and Parks and Cemeteries Division, sithe ukungcwatshwa emathuneni kuzomiswa ngamaSonto nangamaholide omphakathi kuze kube kukhishwa esinye isikhathi.

Abasebenzi basemathuneni ngeke babe semsebenzini ngamaSonto ngakho-ke konke ukungcwaba kanye nokubhukha kumele kuphothulwe ngoMgqibelo.

Lona ngumyalezo othunyelwe kubangcwabi abasebenza eKurhuleni abacelwe ukuthi badlulisele umyalezo kumakhasimende abo.

Umngcwabi osebenza kule ndawo, uGugu Mbonani, uthe akulungile ukuthi i-Metro ithathe lesi sinqumo ngaphandle kokubonisana nabangcwabi kanye nabahlali.

Waziswe ngalesi sinqumo kanye nabanye abangcwabi ngempelasonto edlule ngenkathi eyobhuka.

“Isinqumo sithathwe ngaphambi kokucabangisiswa ikakhulukazi njengoba silindele igagasi lesithathu,” esho.

“Uma kuneholide elikhona sizoba nezinsuku ezinhlanu kuphela ukuminya yonke imingcwabo, futhi siphoqe imindeni ukuthi ingcwabe phakathi nesonto.”

Uthe bekungakuhle uma bevumela ukungcwatshwa ngoMsombuluko kuya kuMgqibelo noma kunamaholide.

“I-Metro idinga ukuguqula isinqumo sayo,” esho.

Umfundisi uMaria Shongwe uthe akaqondi ukuthi kungani i-Metro ibone kunesidingo sokushintsha izinhlelo zokungcwaba.

“I-Metro yehlulekile ukucabanga ukuthi kukhona amanye amaqembu ezenkolo agcina uMgqibelo njengeSabatha,” kusho uShongwe.

“Siyaphoqeleka ukuthi senze imingcwabo yethu phakathi nesonto. Lokhu akulungile kithi.”

Izihloko zakamuva