Abangani nomndeni bebehlangene emcimbini wokwembulwa kwetshe likaCollins Khosa

Everson Luhanga

Umndeni, abangani kanye nezihlobo bebehlangene e-Mawa block 12 e-Tzaneen, e-Limpopo lapho bekumbulwa khona itshe likaCollins Khosa ngoLwesihlanu ekuseni.

Usibali kaKhosa, uThabiso Muvhango, utshele abakawa-Scrolla.Africa ukuthi lo mcimbi ubuhanjelwe ngamalungu omndeni abalelwa kwangama-25, abangani kanye nezihlobo.

Uthe lo mcimbi ubuthinta inhliziyo kakhulu njengoba izihlobo eziningi ebezifika azikwazanga ukuya emngcwabeni ngonyaka owedlule ngenxa yemikhawulo ye-Covid-19.

“Kuwathinte kakhulu amanye amalungu omndeni, ukubona okokuqala lapho kulele khona uCollins. Sisashaqekile namanje,” kusho uThabiso.

Umshana kaCollins, uVenecia Khosa ufunde umbhalo othi: “Awuvalelisanga. Akukho ukubingelela kokugcina. Kepha ezulwini sizohlangana futhi. Sengathi umphefumulo wakho ungalala ngokuthula. Kusuka emndenini wakho othandekayo.”

Ngaphambi kokwembulwa kwetshe ngoLwesihlanu, umndeni kaCollins uhlangane ngoLwesine ebusuku emkhosini wamasiko obuzophinde ubheke isikhathi sokulila futhi.

“Umcimbi ukhulule wonke umuntu, ikakhulukazi uNomsa emikhawulweni ebibekiwe selokhu lesi sigameko senzeka ngonyaka odlule njengengxenye yokuzilels uCollins,” kusho uThabiso.

UKhosa kusolwa ukuthi washaywa wabulawa ngamasosha ayegade i-Alexandra ngonyaka owedlule.

Kuleli sonto abakwa-Scrolla.Africa bashicilele ividiyo eqoshiwe yosuku olubi ngonyaka odlule ngobusuku bangoLwesihlanu bePhasika.

Izihloko zakamuva