Abangani balwe baze babulalana

Nothando Makhubela

Noma yikuphi lapho obubona khona uThokozani Nkalanga umngani wakhe uRegional Mkhatshwa ubehlezi eseduze kwakhe.

Laba ababili, abebengomakhelwane futhi bengabangani abakhulu bebethanda ukubuka ibhola ndawonye futhi bebephuza ubhiya emathaveni endawo.

Kodwa ngoMsombuluko amadoda angasebenzi ase-Boschfontein, e-Nkomazi Subregion eMpumalanga abesendleleni ebuya endaweni yokucima ukoma ngesikhathi kuqubuka impi endaweni eqhele ngamamitha ambalwa ukusuka lapho ahlala khona.

Impi iqhubeke yaze yafika kwaNkangala lapho amadoda amabili abe esehloma ngezimbazo.

Impela bekuyimpi yangempela njengoba womabili la madoda egcine eshona ezintatha zangoLwesibili esibhedlela eShongwe.

Amalungu omndeni athe uNkangala usole uMkhatshwa ngokweba esitolo esiphethwe abaphuma emazweni angaphandle endaweni yangakubo kanti uMkhatshwa akakuthandanga lokho asolwa ngakho.

Okhulumela umndeni obegcwele izinyembezi uFuneka Mkhatshwa utshele i-Scrolla.Africa ukuthi bathole ucingo oluthi umfowabo uRegional uxabene nomngani wakhe uThokozani endaweni yokucima ukoma base bephuma baya kubo kaThokozani.

“Umfowethu ushaywe ngembazo ekhanda eshawa ngumngani wakhe obemsola ngokweba izinto esitolo sabaphuma emazweni angaphandle,” echaza.

Umalume kaThokozoni uBhek’themba Nkangala ubone lamadoda amabili ebulalana egcekeni lakhe.

“Bebethandana kodwa bebenodlame ikakhulukazi uma bedakiwe,” esho.

“Asijabule ngoba bonke omakhelwane baphathana njengezihlobo. Manje sekuzoba nokungezwani phakathi kwethu.”

Okhulumela amaphoyisa aseMpumalanga, uBrigadier Selvy Mohlala, uthe amaphoyisa ase-Schoemansdal athole ucingo oluvela esibhedlela sendawo lubatshela ukuthi abesilisa ababili, oyedwa unemihuzuko ebusweni, uphuke umhlathi nesandla, omunye ugencwe ekhanda ngembazo kanti bobabili bashone ngenxa yokulimala.

“Ngesikhathi amaphoyisa efika, kutholakale ukuthi izisulu zingomakhelwane futhi zingabangani base-Boschfontein,” kusho uMohlala.

Bobabili uNkangala noMkhatshwa bazofihlwa ngoMgqibelo.

Izihloko zakamuva