Karabo Rammutla
I-National SPCA ithukuthele igane unwabu ngomculi wama-piano okhiphe ingoma egameni lomdlwenguli wezimbuzi.
UMitchell weGqom ukhiphe ingoma ngoLwesine wayiqamba ngegama lowesilisa okuthiwa udlwengule imbuzi ethi yamyenga.
Lo mlisa wase-Eastern Cape uthwetshulwe evuma ukudlwengula nokubulala imbuzi. Le vidiyo ibilokhu isabalala ezinkundleni zokuxhumana kusukela ngesonto eledlule.
Lo mculi udidiyele kabusha isiqeshana sevidiyo lapho umdlwenguli wembuzi evuma khona ukuthi udlwengule isilwane.
UKeshvi Nair we-NSPCA uthe: “I-NSPCA ibuze ukuthi bekuzovumeleka yini okwenziwe uMitchell We Gqom noma imuphi umculi ukudidiyela kabusha ingoma ehlanganise ividiyo yomdlwenguli evuma ukuthi wadlwengula omunye umuntu engomeni yomculo? cha bekuyinto ebingeke yenzeke.”
Wengeze ngokuthi izenzo zocansi nezilwane ziyicala kanti owesilisa wagwetshwa iminyaka eyisishiyagalombili ejele ezinyangeni ezimbalwa ezedlule.
Uthe i-NSPCA yabelane izikhathi eziningi ukuthi kunobufakazi obuveza ukuthi abantu abadlwengula izilwane bagcina sebehlukumeza amanye amalungu omphakathi asengozini njengezingane kanye nabantu abadala. Noma imuphi umuntu odlwengula omunye umuntu noma isilwane uyingozi emphakathini.
“Lokhu kunganaki okusabalele emiphakathini yethu kumele kuqedwe ngaso sonke isikhathi.
Ukuhlukumeza izilwane kuyicala. Noma yikuphi ukuvezwa okuphambene nalokho kuwukungalungi ngendlela exakile! ”
I-NSPCA ithe bebelokhu bezama ukuthola umdlwenguli wezilwane njengoba behlangane nodaba olumayelana nalokhu kwa-Scrolla.Africa.
“Kuze kube imanje i-NSPCA isathole isifunda somdlwenguli kuphela, kodwa akukakotholakali ukuthi uhlala kuphi nendawo noma ikheli lakhe eliqondile.
Sicela noma ubani ongaba nolwazi mayelana nokuthi umsolwa odlwengule isilwane angatholakala kuphi kumele asibikele lapha ku- [email protected],” kusho uNair.