USousa Jamba ukhuluma ngomdlalo wochungechunge okhuluma ngokuthakatha osususe umsindo kubafundisi e-Angola.
Kunenkulumo eqoshiwe esisabalele kulo lonke elase-Angola yomfundisi odinwe egxeka umdlalo owuchungechunge ku-DStv okhuluma ngokuthakatha. “Uma usathane engabuyela emhlabeni” isithangami sabezindaba sobanjelwa kwa-DSTV, kusho lo mfundisi ngenkulu intukuthelo.
Akusiye yedwa umfundisi ongalufuni uchungechunge lomdlalo, ezinye izikhulu zase-Angola zikhathazekile ukuthi ukudunyiswa kwalo mkhuba kungangcolisa igama lesizwe.
Kuyamangalisa indlela abantu base-Angola abadinwa ngayo uma kukhulunywa ngokuthakatha. Ngesikhathi ngihlala maphakathi nezwe lase-Angola izindaba zokuthakatha kwakuyinto nje eyayixoxwa inoma ubani.
Ngikhumbula indaba yowesilisa owayezikhukhumeza edelela, kodwa ngokuhamba kwesikhathi waqala wahlushwa ibhubesi elalibonwa nguye kuphela. Ngokusobala abadala babesebenzise amandla abo angavamile ukuze bamenze alibone leli bhubesi elikhulu.
Izihlobo zakhe zahamba zaya enyangeni (kimbadeiro) zathola umuthi thizeni futhi kwadingeka ukuthi enze eminye yemikhuba okubalwa nokuxolisa kwabaphansi.
Edolobheni eliseduze lase-Bailundo kwakunomakhelwane onomuzi owawuvakashelwa izintombi ezinhle zase-Benguela ngisho nezase-Lubango imbala.
Empeleni babesuke beze enyangeni eyayibanikeza umuthi onamandla wokuthi bathoe abesilisa abacebile, kanti futhile nyanga iqhube leli bhizinisi laphumelela abantu bagcine sebekhokha nangamakhadi asebhange.
Isangoma saceba kakhulu sashada nentombazane eyayifike ukuzofuna umuthi wokuthola owesilisa oyisicebi. Umkakhe amxosha, kodwa owayesenalo ulwazi oluncane mayelana nezintelezi waqala isonto ekupheleni kwenyanga kanti uMariya wayefika kuye amyalele ukuba bahlangane phezu kwentaba i-Lumbanganda.
Abesifazane ababeza kuye babengagcini ngokuthola abesilisa abacebile kuphela, kodwa nabesilisa babethola izikhundla abanye babo bagcina sebethenga izimoto.
Ababelokhu bephawula ngentukuthelo kamfundisi ngomdlalo owuchungechunge okhuluma ngokuthakatha, baphawule ukuthi okucasula abefundisi ukuthi izinyanga zizobe ziqhudelana nabo.
Emasontweni amaningi e-Angola, abefundisi baphikelela ngokuthi abazalwane ababalandelayo futhi abakhokha okweshumi ngaphandle kokubuza imibuzo eminingi bazoklonyeliswa ngezimoto ezinhle, ukukhushulelwa imisebenzi, abayeni, nama-akhawunti asebhange anemali engaphezu kwamaphupho abo.
Omunye wabalingisi abahamba phambili emdlalweni owuchungechunge yilowo owayenguthisha wase-France odabuka e-Congo, uCharlesbois Poity.
Uyisangoma esidume kakhulu e-Angola futhi uvame ukubonakala ezinhlelweni zezingxoxo zikamabonakude nasemsakazweni. Unesitolo esidayisa imithi eletha ingcebo nothando nokunakekela abesilisa abanenkinga ekamelweni.
UPoity ukhangisa ngemithi yakhe emisakazweni eminingi. Ukuba kulo mdlalo wochungechunge edlala ukuba inyanga kuyasiza ebhizinisini lakhe. Abanye abefundisi abakwazi ukukumela lokhu.
Alukho usuku olulodwa oludlula ngaphandle kokuthi kube nendaba ethinta ukuthakatha ezindabeni zezwe lase-Angola.
Ngolunye usuku edolobheni lase-Namibe owesifazane waboshwa ngemuva kokuba omakhelwane bakhe bembonile eshintsha eba inyoka.
Owesifazane wasesifundazweni sase-Lunda udalule ukuthi isangoma samcela ukuthi adele konke ukuze aqhubeke ahlale eshadile nomyeni wakhe.
Edolobheni langakithi e-Huambo kwakunendaba yowesifazane owawa esuka esibhakabhakeni futhi wasinda ngemuva kokuba into ayenyuke ngayo iphelelwe amandla esibhakabhakeneni. Emdlalweni webhola imilenze yenkukhu yayitholakala eduze kwepali, empeleni unozinti wayeziphathisa okwenkukhu ngesikhathi kuvinjwa amaphenalthi.
Lezi zindaba zivame ukulandelwa izingxoxo ezigcizelela ukuthi izwe lethu linezindaba ezithusayo futhi ezifihlakele. Lo umhlaba ovundile wabefundisi abathembisa ukuqeda le mikhuba yobuSathane ezweni.
Ngake ngaya edolobhaneni elisezintabeni zase-Angola okuthiwa i-Goshen. EBhayibhelini leli kwakuyizwe uFaro alinika amaJuda futhi laliyizwe labahlanzekile.
Umfundisi webandla labaphostoli esigodini sase-Mombolo wangitshela ukuthi usenqume ukwakha e-Goshen ngoba efuna ukuba endaweni lapho kungekho muntu okholelwa ekuthakatheni.
Ngokushesha leli dolobhana lakhula. Nokho kwakukhona inselele enkulu abesilisa asebekhulile baqala ukulwela izikhundla eziphezulu kulendawo engcwee. Abanye abakwazanga ukumelana nombono wokuthi bashiywe ngaphandle bangazitholi izikhundla zobudikoni.
Amacala okuthakatha ayeqedwa ngokushesha, futhi le ndawo yalahlekelwa ubumsulwa bawo!