Abaneme abashayisibhakela ngokuhoxiswa kowe-WBF 

Lubhalwe nguLinda Ximba

Inkampani ezifake ehlazweni i-J4Joy Boxing Promotions igcine isiphoqeleka ukuthi ikhokhele izikhulu zabasakazi ezazijutshwe ukuthi zibambe iqhaza empini yesicoco se-World Boxing Federation (WBF) eThekwini ngoZibandlelaodlule.

Lo mqhudelwano uqale wahlehliswa kabili nokwathi ngokuhamba kwesikhathi wahoxiswa nokushiya izikhulu ze-Boxing South Africa (BSA) zishaqekile zingazi kwenzekani.

Ukuhoxiswa kwalolu hlelo kuphinde kwashaya abashayisibhakela bakuleli nabakwamanye amazwe abebengene bajula emaphaketheni belungiselela izimpi.

Ukuhoxisa ngokungangabazeki kufake isibhakela ehlazweni.

ULulama Mtya obezoba iJaji empini ye-WBF bantamweight phakathi kukaLindi Memani wakuleli noJorge Luis Orozco Mendoza wase-Mexico, utshele i-Scrolla. Africa ukuthi ukhokhelwe ngoLwesibili.

“Imali yami ngiyitholile ngoLwesibili ngase ngibheka ozakwethu ababili uSimphiwo Mbini noSiya Vabaza ukuthi bakhokhelwe yini nabo.

“Bakuqinisekisile ukuthi bayitholile imali yabo futhi yize sijabulele ukukhokhelwa, kodwa  ukukhansela kusilahlekisele ngoba besibekele izidingo zikaKhisimusi. Ngiyethemba ukuthi ngeke kuphinde kwenzeke lokhu,” kusho uMtya.

Khonamanjalo isikhulu esibambile se-BSA, u-Erick Sithole uthe ithimba labo labammeli maduze lizonquma usuku lapho abaphathi be-J4Joy Boxing Promotions kumele baziphendulele.

Lo mqhudelwano wawuhlelelwe ukuthi ube senkundleni iMoses Mabhida eThekwini ngeSonto ngomhlaka-11 kuZibandlela, kodwa ube nezinkinga ezinkulu eziphoqeleke ukuthi uhlehliswe kabili.

I-Scrolla.Africa ithole ukuthi phakathi kwezingqinamba uphromotha uJacob Mnisi abhekene nazo kukhona ezinye okubalwa ukuhluleka kwakhe ukuhlangabezana nezibopho zezimali zabashayisibhakela bamazwe ngamazwe kanye nokungayikhokhi imali yesigwebo se-WBF.

Bezizine izicoco obekumele zilwelwe kulo mqudelwano.

Isithombe esingenhla: Izikhulu ze-Joy4Joy Promotions neSilo Samabandla uMisuzulu KaZwelithini

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva