Abaneme abalandeli ngokunyamalala kukaBroos

Ukungabi khona kukaHugo Broos kwindebe ye-Cosafa  yakamuva kungase kuvuse ukukhuluma okukhulu mayelana nokuthenjwa komqeqeshi emidlalweni yeqembu, kusho uMenzi Magubane.

Ukwehluleka kweBafana Bafana ukuvikela isicoco sayo sendebe ye-Cosafa ngeledlule akukanambitheki kahle kubalandeli. Kunalokho imiqondo yabo ikwiBanyana Banyana eyenza konke okusemandleni ukuthi abantu bakhohlwe umdlalo weBafana ongemuhle.

Abalandeli abakuqaphelile emqhudelwaneni obuseThekwini ukungabi khona komqeqeshi uHugo Broos. Umsizi wakhe uHelman Mkhalele uyena obehamba neqembu.

Akukhona okokuqala uMkhalele ehola iqembu kulo mqhudelwano. Nyakenye ngemuva kwezinyanga ezimbili uBroos ethathe izintambo wahamba waya ukuyoqedela ukugomela i-Covid-19.

Kubikwa ukuthi usephinde wabuyela ekhaya, kodwa kulokhu akucaciswanga ukuthi kungani engekho.

Uzophinde aphuthelwe umdlalo weBafana ne-Comoros ozoba ngoLwesihlanu emdlalweni wokuhlungela i-African Nations Championship (CHAN).

Le midlalo ayiphuthile ibingekho ekhalendeni le-Fifa futhi akulula ukuthola bonke abadlali abazoqhudelana.

Nokho bakhona abanye abadlali kuleli abazokwenza noma yini ukuze babe seqenjini leBafana.

UMkhalele ukhombise ukuthi likhona ithalente kuleli ngesikhathi ewina indebe ye-Cosafa neqembu lesibili eliwuchungechunge.

Nangesonto eledlule uhlanganise abadlali abangenalwazi ukuze bangenele lo mqhudelwano. Yebo abasivikelanga ngempumelelo isicoco, kodwa babekhona ukukhombisa ukuthi basalele emuva ngokuphelele futhi banikwe namathuba amaningi nelokugqoka ijezi leBafana.

UMkhalele kulindeleke ukuthi abize lona leli qembu uma sebebhekene neComoros.

Bekungeke yini kube kuhle ukuthi laba badlali badlale kukhona umqeqeshi wabo ukuze bakwazi ukumjabulisa?

Izihloko zakamuva