Abanegama elifanayo bafuna ukuqopha umlando edolobheni laseTexas

Idolobha lase-Kyle, e-Texas lizokwethula umqhudelwano ozoqopha umlando.

Idolobha libiza bonke abantu abanegama elithiKyle abavela emazweni ukuthi bangenele umqhudelwano we-Guinness World Record ozohlanganisa abantu abaningi abanegama elifanayo.

Abahlehle o-Ivans manje sekuyisikhathi sokuthi oKyle bathole indawo yabo efanelekile emlandweni!

Bahlela uhlelo lokuhlanganisa abantu abasebenzisa igama likaKyle abangaphezu kuka-2,325. Lolu hlelo lwakhiwe idolobha lase-Kyle futhi lizoba umqhudelwano wesibindi ukuthatha irekhodi elihlonishwayo le-Ivan camp. 

Ngonyaka ka-2017, umhlangano wabangu-2,325 kwi-Ivan camp ababesedolobheni lase-Bosnia i-Kupreski Kosci bathola isicoco, kodwa elikaKyle ngeke lithathe indawo yesibili kulokhu. 

Okubizwa ngokuthi uhlelo olukhulu lokuhlangana koKyle”, lo mqhudelwano uzokwenziwa ngesikhathi se-Kyle Fair yaminyaka yonke ngasekupheleni kwale nyanga.

Ukumenyezelwa kwalokhu kufakwe ezinkundleni zokuxhumana ekhasini le-Facebook laleli dolobha, kukhishwe isimemo sokuthi oKyle abahlangane futhi bajoyine lo mqhudelwano omangalisayo.

“Sidinga abantu abasebenzisa igama likaKyle, abakhulu, abancane nabadala ngezigaba zabo,” kusho okhulumela i-Kyle extravaganza.

“Sidinga abantu abade, abafishane, abancane, abadala inqobo nje uma usebenzisa elikaKyle.”

Nokho, lena akuyona imizamo yokuqala yedolobha.

Idolobha lenza imizamo emithathu yobuqhawe phambilini yokuhlwitha irekhodi ko-Ivans. Ingabe okwesine kuzohlanganisa irekhodi?

“Umqhudelwano uzohluka kunangaphambilini futhi imithetho izobe iqinile,” kubika i-Sky News.

Ukuze bangenele umzamo werekhodi, ababambiqhaza kufanele babe negama elinikeziwe elithiKyle futhi akukho okushintshiwe noma okuhlukile okuvunyelwe. Khohlwa ngoKyler, uKiel noma uKylee ngeke nje bangene.

Kudingeka kuphela abasebenzisa elikaKyle ukuba bezoqopha umlando.

“Umhlangano omkhulu wabantu  ababizwa ngoKyle uthakaselwa abantu abaningi emphakathini we-Reddit cishe abantu abangaphezu kuka-11,000 abathanda oKyle. Leli qembu elishisekayo libe neqhaza elikhulu ekusabalaliseni igama, liqinisekisa ukuthi ikhwelo loKyle lizwakala kude emazweni.

Umbuthano uhlelelwe iSonto, uzofinyelela emaphethelweni e-Kyle Fair. Izinsuku ezintathu, inkundla izoba nomculo opholile, izinto zemidlalo ezigitshelwayo, nomncintiswano wokupheka.

Kodwa akugcini lapho, bakwethu! Bonk Okyleabanesibindi sokujoyina amarenki aphula irekhodi uzothola isikibha samahhala kanye nenqwaba yezinto ezinhle.

Ukungena ku-Kyle Fair kanye nombuthano wamaqhawe kumahhala, qinisekisa ukuthi awusali ngemuva. Kodwa-ke, abafuna ukwephula amarekhodi kumele beze nomazisi osemthethweni, ikheli kanye nemininingwane yokuxhumana efanele ukuze bangenele umqhudelwano woKyle.

Luhlanganiswe umbhali we-staff

Isithombe esingenhla: Idolobha lase-Kyle

Izihloko zakamuva