Abampofu basakuthola kunzima ukuthola imali-mboleko yezindlu

Lubhalwe nguSbongile Nonyana

UNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu uMmamoloko Kubayi ufuna uhulumeni aguqule imigomo yamabhange yokubolekisa ngezimali ukuze asize abantu baseNingizimu Afrika ababencishwe amathuba phambilini ukuthi babe ngabanikazi bemizi.

Ekhuluma eHatfield, ePitoli, ngoMsombuluko, uKubayi uxoxe ngodaba lwezindlu oluqhubekayo eNingizimu Afrika.

Phakathi kukanyaka ka-2018 noka-2022, izicelo ezibalelwa ezigidini eziyisithupha zokubolekwa kwemali yokuthenga izindlu zacutshungulwa emabhange.

Izigidi ezimbili zazivela kubantu abanezinzuzo zesikhathi esidlule, futhi kwagunyazwa abangaphezudlwana nje kwesigidi esisodwa.

Izicelo eziyizigidi ezine zatholwa kubantu ababencishwe amathuba ngaphambilini, kodwa eziningi zenqatshwa. Izinga lokwenqatshwa kwezicelo zokuboleka imali yezindlu liphezulu, cishe lila ku-68%.

UKubayi uthe abantu abaningi abaholayo nabafuna ukuthenga izindlu basanqatshelwa ukuboleka imali.

“Abanye abantu bafaka izicelo ku-inthanethi kodwa zingaphumeleli. Abanye baya egatsheni nama-payslip abo kodwa batshelwe ukuthi ngeke bakwazi ukuthola izindlu,” kusho yena.

UNgqongqoshe uthe imizi ehola phakathi kuka-R3,501 no-R22 000 ngenyanga iyona ethinteka kakhulu.

Le mindeni ijwayele ukunqatshelwa izicelo zokuboleka imali yezindlu noma izindlu zomxhaso ngokugcwele, okubashiya besenkingeni.

“Laba abantu badonsa kanzima ukuthola izindlu,” kusho uKubayi.

Ukhulume ngokubaluleka kobunikazi bezakhiwo ukuze kukhule umnotho.

“Sifuna ukwenza isiqiniseko sokuthi abantu ababencishwe amathuba phambilini bayayithola impahla futhi bangaba nemizi,” kusho uKubayi.

UNgqongqoshe uthe uhulumeni usebenza ngezixazululo ukuze izindlu zikwazi ukufinyeleleka kalula kubantu abahola kancane.

Lokhu kufaka phakathi izinhlelo ezifana nezezimali zendlu yokuqala, izindlu zomphakathi, kanye nohlelo lokukhululwa ngokushesha komhlaba ukusiza abantu bakhe amakhaya abo.

Osesithombeni esingenhla: UNgqongqoshe uMmamoloko Kubayi e-Ronnie Mamoepa Media Centre, e-Hatfield, ePitoli.

Umthombo: X

Izihloko zakamuva