Abamnyama bathi bakhathele inkohlakalo sebefuna amaBhunu

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Lokhu kugqame kamuva nje ezinkindleni zokuxhumana kulabo abathi bona sebekhathele inkohlakalo nokuxhashazwa osopolitiki abamnyama abazenza abantu abalwela abampofu kanti bazicebisa bona nemindeni yabo.

Omunye wabaholi abadumile owake wahola I-EFF e-Gauteng , uNksz Mandisa Mashego osekubeke kwacaca ukuthi uHulumeni wamanje uhlulwe ukwenza okwenziwa uHulumeni wamaBhunu ngoba wona akwazi ukwakha inqalasizinda okubalwa izikole,amaNyuvesi,izibhedlela nemigwaqo namalokishi.

Akugcinanga lapho kodwa nabahlaziyi bezepolitiki abahlukene bathi useyadingeka umuntu ofana naye ngoba uyalazi ibhizinisi .

UMnuz Joshua Maponga ongumhlaziyi ohlonishwayo nombhali wezincwadi, uthe isikhathi sokuba iNingizimu Afrika iphaphame iqoke umuntu ophethe umnotho kunokukhetha opopayi abagade umnotho wabamhlophe.

“Kunokuba nikhethe laba bantu be-DA,uKhongolose ne-EFF abangopopayi babathile,kungcono nikhethe umuntu ophethe umnotho,” kusho uMaponga.

Ngisho abamabandla athi kwakungcono eGibhithe kunanamuhla.
UBushop Sandile Msimang intshumayelo yakhe isisetshenziswa abasekeli bakaGroenewald ukuqinisa umkhankaso wakhe.

Izihloko zakamuva