Abammeli baZuma empini yokuthi angabuyeli ezikhindini

Celani Sikhakhane

NgoMsombuluko iNkantolo eNkulu yokuDluliswa kwamaCala ilalele isicelo salowo owayenguMengameli wezwe uJacob Zuma esiphikisa isinqumo seNkantolo eNkulu sokuhoxisa ushwele wakhe wezokwelashwa.

UZuma wadedelwa ejele mhla zinhlanu kuMandulo nyakenye ngemuva kokudonsa izinyanga ezimbili kuphela ejele kwisigwebo sezinyanga ezingu-15 ngenxa yokudelela umyalelo wenkantolo ecaleni lakhe lokulawulwa kombuso alenza ngesikhathi esanguMengameli.

OwayenguMphathi wezobunhloli nowayesebenzisana noZuma isikhathi eside u-Arthur Fraser, ubengukhomishana wezokuhlunyeleliswa kwezimilo ngesikhathi uZuma ededelwa futhi nguyena owathatha isinqumo sokumkhulula.

Isisekelo sesinqumo sakhe sasithi isimo sikaZuma sezempilo sisho ukuthi lowo owayenguMengameli “wayegula”. Kodwa-ke, amarekhodi akhe ezokwelashwa awakaze ashicilelwe.

Ngemuva kwezinyanga ezintathu, iNkantolo eNkulu yasePitoli  yasiphikisa isinqumo sokudedelwa kukaMengameli ngoshwele wezokwelashwa yaphinde yamyalela ukuthi abuyele ejele ukuze aqedele isigwebo sakhe.

UZuma kanye nethimba labammeli bakaFraser baye e-Bloemfontein ngoMsombuluko ukuyokhalaza ngalesi sinqumo.

Kodwa-ke, amajaji ebebonakala engagculisekile ngezizathu zokudedelwa kukaZuma.

Ibhentshi ebeligcwele amajaji abeholwa uJustice Nambitha Dambuza lilalele izimpikiswano zethimba labammeli bakaZuma eliholwa u-Advocate Dali Mpofu SC.

IJaji uGlen Goosens ubuze ukuthi kungani amarekhodi kaZuma ezokwelashwa engakakhishwa emphakathini.

Kamuva iJaji uDambuza libuze ukuthi kungani kuthathwe umbono kadokotela kaZuma kuphela ngaphambi kokuthi akhululwe. Bekukhona odokotela “abayishumi noma abangu-11” okuvele ukuthi balethwa ukuzobuyekeza udaba lukaZuma, kodwa kwagcina kuxhunyanwe nodokotela wakhe kuphela.

“Kungani isishayamthetho sazihlupha kuyo yonke leyo nkinga kokuhlanganisa inqwaba yodokotela abayishumi noma abangu-11 abazonquma ngokweningi ukuthi sinjani isimo sikaZuma uma kuwukuthi imibono yabo ibizothathwa njengefana nekadokotela kaZuma?” ebuza.

Izihloko zakamuva