Lungani Zungu
UJacob Zuma uzama ukuthola abammeli abazomumela enkantolo ngaphambi kokuqulwa kwecala lakhe lokunikezwa izikhali emasontweni amathathu.
Indodana yakhe u-Edward kanye nomfowabo uKhanya bathi akekho ummeli ofuna ukumela yena.
“Asazi ukuthi kuzokwenzekani uma eya enkantolo ngoba akekho umuntu ofuna ukuzihlanganisa naye,” kusho uKhanya.
UZuma walaxazwa yiMabuza Inc, okuholele ekutheni noyi-Senior Council uMuzi Sikhakhane naye amlahle.
UMsholozi akakasho ukuthi ngubani ozomumela uma esevela eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu mhla zi-17 kuNhlaba.
UKhanya uthe: “Okwamanje, asazi ukuthi ngubani ozomela umfowethu. Sizobona uma eseya enkantolo.”
Indodana kaZuma u-Edward uthe lowo owayengumengameli usafuna abammeli bezomthetho.
“Asazi ukuthi ngubani ozoba ngummeli kababa. Sizobona uma eseya enkantolo.”
UZuma ubhekene namacala enkohlakalo asuselwa ekufumbathisweni izi-R500 000 ngonyaka eyayitholwe yilowo owayengumeluleki wakhe wezezimali uShabir Shaik kwinkampani yase-France i-Trans.
U-Edward uthe umndeni wahlangana ngesikhathi iMabuza Inc ibalaxaza.
“Besizama ukuthola isisombululo kule nkinga yezomthetho esibhekene nayo siwumndeni. Kodwa lowo owayengumengameli uzoya enkantolo ngoNhlaba.”
Ngesonto eledlule, ngesikhathi kugujwa usuku lwakhe lokuzalwa sekwedlule isikhathi obeluhlelwe yi-South African Civic Organisation (Sanco), uZuma uthe iqembu lakhe i-ANC, “lifile.”
U-Edward uvumelana naye.
“Abanye abantu bayishintshile i-ANC futhi basebenzisa inhlangano yethu ukukhomba abanye abantu.”
Akabashongo ukuthi bangobani laba bantu, abasebenzisa inqubo yeqembu ukulwa nezitha zabo zepolitiki.
UPule Mabe, okhulumela i-ANC wenqabile ukuphawula.
“Njenge-ANC ngeke siphawule ngezinkinga zomthetho ezithinta amalungu ethu.”
Umlingani kaZuma u-Ace Magashule, onguNobhala-Jikelele we-ANC naye ubengenalutho angalusho ngalolu daba.
“Ngizwe owayengumengameli wezwe ethi iqembu lethu lifile. Akukho engingakusho.”
Umthombo wesithombe: @PresJGZuma