Abamaskandi bazohlangana ndawonye babeke inzondo eceleni

Linda Ximba

Abaculi bamaskandi sebekubeke eceleni ukungezwani kwabo bahlala ndawonye ngaphansi kophahla olulodwa.

Inhloso yabo? Ukukhombisa abathandi bomculo ukuthi bayakwazi ukuba imbumba.

UKhuzani Mpungose, ongomunye wabaculi bamaskandi abahamba phambili kuleli umemezele esithangamini sabezindaba ukuthi abaculi bamaskandi sebeqhamuke nefestivali enesihloko esithi Gcwalisa iSpring Picnic All White, ezoba e-Kings Park eThekwini mhla zinhlanu kuLwezi.

UKhuzani uthe umeme ozakwabo abangabaculi bamaskandi ukuthi bazonandisa kubalwa nabaculi abahamba phambili abafana noCasper Nyovest, u-AKA, uDJ Tira, uBig Zulu, uDlala Thukzin, uSjava, uBoohle, uKamo Mphela, uJumbo noDumi Mkokstad.

“Kuyajabulisa ukubona ozakwethu beza ngobuningi babo ukuzoqhakambisa le festivali,” kusho leli ciko laseKZN elihlomule ngezindondo.

“Silindele inqwaba yabalandeli abazofika.”

UCevuzile ubengomunye wabaculi bamaskandi abebehambele isithangami sabezindaba eMhlanga ngoLwesine.

“Kuyamangalisa lokhu uKhuzani asenzele khona,” kusho uCevuzile. “Ukuzidela kwakhe kusivulele iminyango. Okwethu manje ukuthi sizilungiselele kahle ukuze singaphoxi abalandeli bethu ngalolo suku.”

Abaculi bakamaskandi abebehambele lesi sithangami kubalwa uNtencane, uJaiva Zimnike, Imithente, Izingane Zoma, uDlubheke noGatsheni.

Amathikithi abiza kusukela ku-R150 kuya ku-R900.

Izihloko zakamuva