Abamaloli baphinde bavala umgwaqo

Celani Sikhakhane

Okwesibili kuleli sonto abashayeli bamaloli bemisa uthelawayeka u-N3 ophakathi kwase-Gauteng naKwaZulu-Natal ngoLwesine.

Abashayeli bamaloli bebekhala ngezinto ezimbili, ukuqashwa kwabantu bakwamanye amazwe kanye nokunyuka kukaphethiloli. Sebesabise ngokuqhubeka nokuvala umgwaqo omkhulu uma izinkinga zabo zingalungiswa.

Amaphoyisa abematasa ezama ukulawula isimo e-Tweedie ngase-Howick ku-N3 obheke enyakatho.

Kwenzeke okufanayo ngoMsombuluko ngesikhathi abashayeli bamaloli bevale lo mgwaqo.

Isimo besingalawuleki ngisho nase-Van Reenen’s Pass ngakoThukela njengoba amaloli abevimbe zonke izimoto.

Ihhovisi likaKhomishana wamaPhoyisa eKZN uNhlanhla Mkhwanazi likhiphe isitatimende esithi kumele kuboshwe wonke umuntu obambe iqhaza kulokhu kuvinjwa komgwaqo. 

Ku-R74 e-Bergville izimoto ezincane beziyalelwa ukuthi zihambe kwenye indawo zisuka ku-N3 ngenxa yesimo esibi somgwaqo.

Impi yokuqashwa kwabashayeli bamaloli bakwamanye amazwe izinkampani zakuleli isineminyaka iqhubeka.

Ngonyaka ka-2019 izinkampani zamaloli zalahlekelwa izigidigidi zamarandi ngemuva kokuthi abashayeli abebengeneme bangena ku-N3 e-Howick bashisa amaloli.

UNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnu uBheki Cele uzamile ukungenelela ngokuhlangana nabanikazi bamaloli eThekwini. Lowo mhlangano udale ukuthukuthela kubashayeli bamaloli abebekhala ngokuvalelwa ngaphandle uCele.

USihlalo we-All Truck Drivers Foundation uMnu Sipho Zungu usabise ngokuthi ngeke uphele umbhikisho uma izikhalo zabo zingasukunyelwa.

I-fuel levy idala umsindo ezweni lonke manje. Imboni yamatekisi nayo ikhala ngokuthi ayikwazi ukuqhubeka nebhizinisi njengenjwayelo ngenxa yokumba eqolo kukaphethiloli osekuholele ekutheni kunyuke amanani emali yokugibela nezinsimbi zezimoto.

Scrolla World Cup Quiz